ISilo iNgonyama KaZulu, uGoodwill Zwelithini Zulu, sesingeniswe esibhedlela, sagcinwa egunjini labagula kakhulu. UNdunankulu kaZulu Inkosi Mangosuthu Buthelezi usekuqinisekile lokhu. Ecashunwa yi-news 24 uShenge uthe isimo seMbube sike sangagwinyisi-mathe ezinsukwini ezedlule kwanqunywa ukuba ingeniswe esibhedlela ngenxa yokunyukelwa ushukela.
"oDokotela bacele ukuba bamgcine egunjini labagula kakhulu ukuze bezomxilonga ngendlela ethe thuthu. UDkt Zweli Mkhize UNgqongqoshe wezeMpilo sewazisiwe ngalokhu usibukela eduze isimo somdala," kusho uShenge.
Ushukela uvame ukuthathwa njengoyingozi kwabahaqwe iCovid 19 kodwa akubo bonke abashonayo. UNgangezwe Lakhe kakushiwo ukuthi usehlabekile. UZulu kuthiwa kabeke phansi amaphaphu oMdala kaphethekile lokhu osekungabatshazwa, kakadunguzeli.