Goto News >
Search..

Goto News
Tshatha vs Ngizwe vs UkhoziFm

Kwenzakalani oKhoziniFm ngomuculo wesintu nasohlelweni Sigiya Ngengoma? UMroza uMfoka Fakude wawina njengoba ingoma yakhe yanqamula unyaka, emva kwalokho uNgizwe Mchunu wamemezela ukuthi uKhoziFm luzobakhona ukubungaza ukuwina kwakhe, ngebhadi elikhulu akwaze kwadlula sikhathi esingakanani waxoshwa. Akwangagcina lapho ngoba kuthe uma kuhamba isikhathi, uTshatha wadalula izindaba eziyimfihlo zoKhoziFm ngendlela efanayo nale uMacingwana enza ngayo kodwa kuze kube imanje akakaxoshwa. 

Kuzofanele sazi ukuthi kwenzakalani laphayana ngoba uma ukhuluma ngalezinsizwa zombili akuhlukene nokuthi ukhuluma ngoMaskandi uwonke jikelele ngoba abantu abaningi bawaze ngabo umculo wesintu. Sonke sizokhumbula ukuthi uNgizwe unekhono lokuhlanganisa abantu noma ungumuntu ofika kalula ebantwini ingakho noKhuzazani Mpungose aqasha yena ngesikhathi elungiselela iGcwalisa Imabhida, lokho kufakazelwa inkulumo yakhe uKhuzane ngemumva kwawo lomcimbi weMabhida lapho asuke ejikujelana khona noNgizwe. 


Uyaveza ukuthi uNgizwe kunemali akayithola yokuthi waba ngu ngumdidiyeli (organizer) womcimbi kuphinde kube khona eyokuthi waphinde waba ngumphathi wohlelo. Ngakhoke iChunu inkulu indima eliyidlalayo esizweni sikaMaskandi ingakho nalo lizibiza ngeNkosi yamaBhinca ngoba umcimbi kaMaskandi ongenaye uNgizwe noTshatha noma oyedwa kwabo, awubimuhle ngokwanele.

Icala likaNgizwe noTshatha ukuveza noma ukudalula izimfihlo zoKhoziFm okungafanele ukuthi bezidalule kodwa uma uthi uyabheka, uNgizwe usexoshiwe kodwa uTshatha akakaxoshwa, ningangizwa kabi angisho ukuthi uNgobe akaxoshwe kodwa olwazini lwami enginalo " from the principle of introduction to commercial law", uma kwenzeka icala elifanayo necala elake lenzeka, inkantolo ayihlali ngisho phansi kodwa ivele ithathe isinqumo esathathwa ecaleni elidala njengoba sinjalo, lokhoke kuletha umubuzo omusha, othi ngabe abalandeli bomusakazi likhona yini iqaza abalidlalayo ekugwetshweni komsakazi owonile? 


Owesibili uthi, uKhoziFm likugweba ngoba wonile noma luqale lubheke ukuthi lona luzolahlekelwa kangakanani ngokuhamba kwakho? Ake sibheke lento yokudlalwa kwezingoma oKhoziniFm. Abantu abaningi bebekhala ngalento ababekhala ngayo kuNgizwe yokuthi uTshatha udlala kakhulu uKhuzani okunoMthandeni. Ngabe umsakazi uyakwazi yini ukukhetha izingoma akazozidlala noma uzikhethelwa nguMdidiyeli wohlelo? 


Abaculi abaningi banezinkalo zokuthi izingoma zabo azidlalwa kuSigiya Ngengoma kodwa kube kukhona izingoma ezidlwa njalo ngokuphindaphinda isonto nesonto, uma uthi uyabuza emsakazweni bakutshele ngama emails okusendwa kuwo izingoma kodwa uma uthi uyalalela uzwa bedlala izingoma zaphesheya ezingzikaqedi ngisho usuku ziphumile, bese uyazibuza ukuthi lomculi wakude kangaka useyisende nini le email yakhona? Yona lelinki esetshenziswayo useyithathephi?

Lento yokusenda ingoma iyindida ngoba uma uyisenda kufanele uyisende ngendlela yeqophelo (qiality) elithandwa yibona futhi uphinde uyisende kanye nama code ashoyo ukuthi ingoma isemuthethweni (registered) ukuze uma isiyenza imali lengoma nawe ukwazi ukuthola imali kodwa kunomuculi obetrenda kakhulu ngeLockdown okuthiwa uPatrick Mfwethu ofunda ibanga le 10 emsinga owathatha ingoma yomunye umuntu wayenza ngendlela yakhe engekho emthethweni kodwa oTshatha babemudlala behleka bethi uyiNkosi yoMaskandi, umubuzo uthi wayeseyilandele nini yonke lemigudu uPatrick, noma bavele bamudlala nje ngoba nakhu etrenda......?