Goto News >
Search..

Goto News
Ubangwa abaculi besifazane uNtencane

Abasahlangani ngisho endleni abaculi bakamaskandi besifazane akade ibengamathe nolimu, uNdoni Ndunakazi noNcomile "Ivulandlela" Msomi, ngenxa "yokubanga" isihlabani salo mculo uSenzo "Ntencane" Zondi. UVulindlela (23) usola uNdoni ngokumudla izithende kuNtencane, athi unguyise wengane yakhe enezinyanga eziyishumi.


Okucike uVulandlela ukubona uNdoni ehalalisela uNtencane ngendondo asanda kuhlonishwa ngayo ngabomqhudelwano wamaSatma. UNdoni uthe wayehalalisela uNtencane njengomculi amjwayele kodwa abakaze bathandane naye ngoba noNtencane akakaze amshele. UVulindlela uthi ubesekade ebekezele njengoba uNdoni ubesexhumana noNtencane zinsuku zonke futhi nabantu belokhu bemtshela ukuthi bayathandana.

Uthe okunye okwenza wakholwa ukuthi sebemenza isilima ukubabona bevalelana evenini ngolunye usuku. "Okungicasula kakhulu ukuthi uNdoni wazi kahle ngobudlelwano bami noNtencane ngoba ubewumngani wami futhi ngimxoxela yonke into eqhubekayo phakathi kwethu. Yena waze wathi angisikhiphe isisu sikaNtencane ngoba unomkhuba wokukhulelisa amantombazane angabe esazondla izingane. Ngenqaba ukwenza lokho ngoba lena yingane yami yokuqala," kusho uVulandlela.


Ubudlelwano bukaNdoni noVulandlela sebumuncu kangangoba sebeyasongelana. UVulandlela uthi uNdoni useke wadlula eWorkshop, eThekwini, wamsabisa ngokumshaya. Yize uNdoni ephika elala ngomhlane ukuthi uke wakhipha amazwi okushaya uVulandlela kodwa uvumile ukuthi uthe usafuna baxoxe naye uma esebuya e-studio.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNtencane ayiphumelelanga ngenxa yokuthi ubengazibambi izingcingo futhi nemiyalezo abethunyelelwa yona ngoWhatsApp nange-sms ubengayiphenduli. Isolezwe NgoMgqibelo liyibonile ingxoxo yabo noNdoni bedingida lolu daba. UNtencane wumculi owahlukanisa unyaka ngo2019 ngengoma ethi Wawethembeni.


UNdoni useke wahlabana ngeBest Female Award kuMantshontsho KaMaskandi Awards futhi udume ngengoma ayenze noMenzi ethi Uma Ngibon' Umuntu Wakho.