UNtencane uMfokaZondi usebe isibonelo eNingizimu Africa yonke jikelele ngokujovela iCorona ngemumva kokuba kube nomusindo omuningi eMzansi abanye begxeka wona lomjovo bethi ukhandiwe ukhandwe amazwe aphesheya ukuzobulala iNingizimu Africa yonke.
Abanye bebesho ngisho nokusho ukuithi bona angeke bajove kodwa ukujova kukaNtencane kuzoshinstha izingqondo zabantu abaningi ngoba ungumuntu ongundabuzekwa noma oyisibuko kubantu abaningi.
Lensizwa ijovele Empangeni ngesikhathi sokujova kwama "INFLUENCERS" (okungabantu abayisibuko emphakathi), abanyeke bathi bona angeke bajove ngoba uHulumeni usebenzisa abantu abadumile ukushintsha izingqondo zabo ngoba usezwile ukuthi abantu abaningi bathi angeke bajove, kodwa iqiniso lithi umuntu nomuntu unelungelo lokwenza nomengabe yini akayithandayo ngempelo yakhe kanti noHulumeni kuyilungelo lakhe ukuphephisa noma ukuvikela izimpilo zabantu base Ningizimu Afrika, ngakho-ke bantu baseMzansi niyanxuswa ukuba nithathe isinqumo esilungile ngezimpilo zenu ukuze niphephe kanye nemindeni yenu ngoba akwaziwa ukuthi leligciwane lizohlala nathi isikhathi esingakanani, uzothi uyayeka ukujova kanti kuseza iFourth Wave kusazolandela iFirth Wave, uthi uyajova kanti baqinisile abathi sizobulawa ngalomjovo....