Goto News >
Search..

Goto News
Ubegadwe ngezibhamu nezindiza uNgizwe

Ngiyabingelela Sizwe, sakithi icala lingene ngo 10 ekuseni enkantolo kaMatshi Randburg enhloko Dolobha yase Goli IPitoli sithe Uma sifika ngo 8 sazithela ezintathelini ezinga phezu kuka 50 ziphethe izixakaxaka zama Camera, zingene zonke NGAPHAKATHI. Kubika udadewabo uWelile oqhube wathi:


"UNgizwe Mlando Mchunu yena ufike ngezimoto eziko 20 zama phoyisa phezulu kundiza indiza enophephela emhlane phezu kwa lezimoto zama phoyisa nokuthe Uma liqala lithethwa kwathi mbooo khona ngaphakathi endlini ngibone wena jele, phoyisa , konke kusondela eduze kufuna ukuzozizwela ukuthi ngabe ubani lesi sigebengu esidonse abezindaba kangaka."

Ngabe ababulali baka Senzo meyiwa sebeze batholakala? bezibuza abantu ngaphakathi. Amaphoyisa ebeyimvula ngaphakathi ephethe izinhlokohlela zezibhamu ezinkulu. umbuso wona ubumelwe uMmeli womdabu wase Ndiya kanti Ngapha INkosi Yamabhinca ibimelwe izinsizwa zomdabu wakithi ezimbili, iMatshi ibingowesifazane yona ngifuna ubone ihaba elikhona ezweni lakithi. Kuphetha yena.