Goto News >
Search..

Goto News
Ubhonge emswanini kwasuka umsindo undodakazi

Ukudlula kwesilo sabandla emhlabeni kuhlabe kwephukela enhliziyweni yendodakazi yomrepha odumile kuleli u-AKA. Le ndodakazi eneminyaka emihlanu kuphela egama layo lingu Kairo ibhale ekhasini layo ku-instagram yathi "Isizwe silahlekelwe inkosi. Hamba kahle Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu."


Kube iyinyathele emsileni ngalo mbhalo njengoba bevele bakhwela badilika abantu abadala kuyona bethi izifaka ezintweni ezingayithinti kusamele ngabe ifokhase emfundweni iphume kulezi zinto. Kumphathe kabi kakhulu ubaba wayo lokho kangangokuba ugcine ephendula esebuhlungwini.

"Ngidumele kakhulu ngokubona abantu bekhuluma kabi ngendodakazi yami. Kunani uma izwakalisa ukukhala kwayo ngokwedlula kwesilo samabandla? Angani inina enithi izingane azifunde okwakubo zincane. Uma futhi sezikhombisa ukulandela amasiko zibhonga kanye nababhongayo uma kufanele zibhonge nithi zigxambukela ezintweni zabantu abadala." Kubeka u-AKA.


Abaningi bakholwa ukuthi akuyona ingane ebhalile kodwa oyedwa wabazali bayo uyena othathe ucingo wabhala.