Goto News >
Search..

Goto News
Ubize Igcokama ngomquba

Ayisophinde ilungiseke eyeGcokama noZakwe noBig nensizwa edume kakhulu ngengoma enkulu ethi imali eningi. Zigadlana bukhoma ezinknendleni zokuxhumana.


Indaba iqale ngalo Igcokama yalibeka ngembaba elokuthi uKwesta nalo mfana wekiliveji basebenzisa igama lakhe ukuze bexoshe ikati eziko. Akwehlanga kahle kuMr Maleningi.


READ: Lusenkingeni Ukhozi ngengoma yonyaka


Uyiphendulile leyo ncwadi ekhasini lakhe kwezokuxhumana wathi ufisa abathandi bomculo wakhe bemdlulisele umyalezo ophuthumayo ezinsizweni ezimethukayo kofacebook.

"Anoze ningidlulisele umlayezo kule mquba yabafana ababhala udoti ngami emakhasini abo. Angizwani nokuthi umkhufefe udikadike igama lami kofacebook." Kubeka uBig.


"Ngixakwa ukuthi uma behlangana nami buyaphela ubunsizwa ababuveza kofacebbok. Kungani bengabuvezi lobo bunsizwa uma sesihlangana nabo?"


"Ubuqhwaga bakofacebook bafana bami abuyisani ndawo. Angizwani nemquba yemkhufefe ngoba mina nginsizwa. Yekani ukuhlangana ngami nikhulume lowodoti wenu lowo."