"Izinja zami ezimbili aziphilile, ukunguNtencane noNyonemhlophe kanti sezisele zombili njengoba kade zingu 5 lezi ezinye sengazidayisa ukungu Mgqumeni, uMfazomnyama kanye noSgwebosentambo", lombhalo umbhalo obubhalwe ngumsakazi woKhoziFm ezinkundleni zokuxhumana nokuyiwona omuqathe noSgwebosentambo ongaphathekile neze kahle ngemva kokuba ebone lomqafazo ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook kanye noThwitha.
USgwebo-ke insizwa ingenalo neze uvalo uma ibona into engayithandi ayithuli nhlobo, iyakhuluma noma ishaye uma kukhona ekuphethe esandleni, kuzokhumbuleka ishaya omunye woDj phezulu esiteji ngesikhathi edlala ingoma okungeyona kaSgwebo kanti futhi usanda kutholana phezulu noMeya womkhandlu wakwaMaphumulo ngomgcwabo kaMajotha ngemumva kokuba uMeya egxeke uKhuzani ngokuveza umnikelo wakhe kaR15 000 ezinkundleni zokuxhumana.
USgweboke ngemumva kokuba ebone lombhalo uphawule wathi,"Eyi bafwethu ngsacela ukubingelela, angikho ryt kakhulu kakhulu kakhulu, so nginenkinga yalosisi lo, kahle kahle nginenkinga yalesi sifebe lesi esisebenza oKhoziniFm okuthiwa uAyanda Melansi, ukuthi ena ngoba uAyanda Melansi akuyona ngisho nentombi enhle, akayena ngisho nosisi omikahle ngisho nasebantwini engangithandana nabo before ukuthi isibindi esingaka usithathaphi angazi mina". Uqubeke wakhala ngokuthi yena igama lakhe ulisebenzele kakhulu kabi ukuba linganikwa izinja kanti ophinde wathi losisi empeleni ubiza yena ngenja.
"Ngizele izingane esezindala futhi esezihlakaniphile manje zizothini uma ngibizwa ngenja.....nakhona ngibizwa into engingayazi noma ingu right noma uleft noma iyaphambili noma iyahlehla.......".