Goto News >
Search..

Goto News
Ucabanga ukuthi uyini wena Masondo…
Ngizwe Mchunu the President of the Black and Poorest people in Africa. OnguMongameli wabantu abahlupheka kakhulu ezweni laseNingizimu Afrika nophinde engabi naluvalo uma kukhona into okufanele ayikhulume nanoma yimuphi umuntu ube sengozini embi ngeSabatha lomhlaka 2 kwephezulu inyanga  kodwa waphuma engenawo ngisho umyocu. Eziphawulela enkozweni enkulu ebingesonto lomhlaka 3 kuyo lenyanga uthe ubonga uNkulunkulu kaDokotela uKhehlelezi kanye nezinyanya zakubo ngokumuvikela ngoba zibonile ukuthi uma kufa yena akekho ozokhulumela abantu abahluphekile nabangenamuntu obakhulumelayo kulelizwe laseMzansi.

Kubikwa ukuthi lensizwa isazovela emdlalweni kamabona kude omayelana nempilo kaMthandeni iGcokamelisha Manqele eliphinde libe ngumngani omukhulu wakhe uNgizwe. Kulomubukiso kuvela ukuthi lobu bungani babo buntanta emoyeni njengoba lezinsizwa zike azangabona ngasolinye eside isikhathi nokuyinto eyenze ukuthi uNgizwe athathe isinqumo sokuthi aye eMdletsheni beyothelelana amanzi ngendlela yesintu noma ngendlela yesiko ukuze umungani babo bamukeleke nase zinyanyeni zakoManqele nako Macingwana ngoba phela uma ungumngani nomunto, lowo muntu ugcina esefana nomfowenu.

Kuvela ukuthike uma eyocela ukuthi abathelelane amanzi ngendlela yosiko kunezinsizwa ezimbili ezenza ukuthi kube nzima ukuthi uNgizwe aluthole loluxolo yize sebevele sebexolelene noMthandeni kodwa lezinsizwa ezisondelene noMthandeni nezizibiza ngeziNgqwele zakhe akhule ebukela kuzona azilwamukeli kahle loluxolo, "mina isizulu ngisazi okudlula wena, ucabanga ukuthi uyini wemaMasondo? Kukhuluma wena nje bathule abafowabo kaMthandeni ucabanga ukuthi uyini wenaMasondo?" kubuza uNgizwe...