Goto News >
Search..

Goto News
Ucela ukufuniswa umama oshaya ushuni wakhe

SICELA UBUKE LAMAVIDEO ANGEZANSI BESE UYASIZA


Okwehlula Amabhinca kuyabikwa. Sicela niwuhlabe niwulawule sizwe sakithi. Insizwa esindala ezindimeni zomculo kaMaskandi eyadlala neBhova ezingomeni eziningi esingabala kuzona lena ethi 'Ntaba zangakithi zinhle zinamagama njengabantu, uMfiliseni umfoka Magubane ucela ukufuniswa umama.' 


Kunevideo etrendayo kuma social network yomama osemngcwabeni owembethe njengabeZayoni ohlabelela ingoma ethi 'Onginika umvuzo omkhulu.' Lo mama unephimbo elimtoti, uzwakala eyigagu impela nangendlela akadansa ngakhona ubukeka enethalente elingakwazanga ukuvela.

"Ngicela noma ubani ongaba nolwazi mayelana nalomama ukuthi angitholele yena amlethe kumina. Ngiyacela kakhulu esizweni sakithi ukuthi nanoma ubani ongasiza ngicela angisize kakhulu angilethele yena lo mama." Kubeka uMfiliseni Magubane. Zibukele lamavideo angezansi, uma ungakwazi ukusiza sicela uwuhlabe uwulawule. Siyabonga.