Goto News >
Search..

Goto News
Udutshulwe izigebengu owaBafana bakaMolo
UXolani Sxubhosamantombazani Mkhize ohola iqembu Abafana bakaMolo Bangempela nowake wabaseQenjini loFeleba kubikwa ukuthi ubanjwe izinswelaboya ngenhloso yokumubamba inkuzi, kubikwa ukuthi lomculi ebelinde itekisi okuthe uma ebona isikhathi sihamba ingafiki wabe esesondelela ngase marobhothini nokuyilapho ukuqamuke khona uhlobo lwemoto encani kwehla kuyo umuntu wafuna ukumubamba, ephawula uXolani uthe, "kwehle umuntu wazama ukungibamba ngavele ngahlala phansi", uqubeke wathi akazi ukuthi kwenzakaleni ngemva kwalokho kodwa uzibone esese sibhedlela ekakwe odakotela nengozi yesiBhamu ekhanda.


Kuzokhumbulekake ukuthi lomculi akusikhona okokuqala ebhekana nesimo esibi ngalendlela ngoba ngonyaka ka 2016 wasinda kukubi eFosilolasi begwazwa nokuyilapho okwashona khona amalungu eqembu lakhe amathathu .