Goto News >
Search..

Goto News
Ufaka uMaskandi ehlazweni uSgwebo sentambo

"Mhleli sidinga ukubonisana ngalolu daba lukaSgwebo. USgwebo wafika emcimbini ka Dr 3 Seconds washaya u Dj ngeskhwili saze saphukela kuye kubuka abantu. USgwebo emcimbini uke watshela usisi wabantu phambi kwabantu ukuthi uyi "Sfebe" e Melmoth kwangakhuzwa. USgwebo ubizwe emsakazweni kudlule uGwabini emhlabeni wakhwela wadilika kuMinister Nathi Mthethwa kuzwa izwe lonke."


"USgwebo emcwabeni ka Gwabini ufike wadilika ku Mayor wakwa Maphumulo, bamuncoma abantu abaningi bathi unamaqiniso ekubeni ngiwufakazi ngoba ngangikhona kubhalwa incwadi eya kwa Maspala futhi u Maspala nawo waxhasa nababekhona babona umgwaqo baze bawugugula uma ubheke kwa Zungu kwakuhambeka"

"Izolo lokhu u Sgwebo uthuke usisi osebenza emsakazweni wambiza nge "Sfebe" ngoba ethi umthukile umbize ngenja ekubeni kungeyena yedwa abambalile futhi ubona ukuthi losisi akaqonde impi lana kodwa yena yedwa u Sgwebo kwavele kwanguye odlubulundela ngengaka inhlamba. Kune Video ekhona ku YouTube lapha khona u Sgwebo ebizwa nge Hhashi eligijima umjaho kodwa akaze siyizwe inhlamba yakhe."


"Uma ngempela sizwe sakithi sineqiniso ngempela kumele sihlangane sizibuze ukuthi kunini la khona esizofaka khona u STOP kule behavior ka Sgwebo. Ngoba kumanje izwe lilwa nokuhlukunyezwa kwabantu besimame nokubulawa kwabo nezingane kodwa thina sincoma umuntu enza i Bullying kubantu besimame sibuka konke lokhu siyakuncoma sithi uyisiqhwaga. Kunini la khona simkhuza khona u Sgwebo sithi akaxolise naye azehlise."

"Kuthiwa u Ayanda umvulele icala manje ngalento yokumthuka awucabange nje ukube loya DJ naye wavula icala ubona ukuthi u Sgwebo lelocala wayezoliwina kanjani kube kunama Video anobufakazi ngoba ethuke u Ayanda kunobufakazi bama Video ayishuthe yena cabanga ekhuluma into ehlambalaza umuntu wesmame bukhoma."


"Ngizwe kuthiwa uyakhankasa ukhuluma nanabaculi uthi abamulekelele alwe lempi bemutoyizise u Baba u Gadla uyenzile i Video ethi asimeseke u Sgwebo kodwa uma sineqiniso ngempela KUNINI LA KHONA SITHI KHONA SGWEBO U WRONG XOLISA? Nabo abaculi bayobe bakhomba ukuthi lezinto abahlale bezicula bethi akukhuzwe ukuhlukunyezwa zingamanga uma bengasukumi kuvinjwe lesisihlava esenziwa u Sgwebo ngoba lento ifuna siyivimbe kusemanje ngoba izofaka u Maskandi wonke ehlazweni." KUBEKA UMHLELI EKHASINI INSIKA YETHONGA KWEZOKUXHUMANA