"Ngasebenza kanzima kbi ukuze leli temu lifike la eselikhona manje. Angeke ngithule ngibuke kudliwa amandla ami ngisaphila. Leli temu lingelami futhi akekho ongakwzi lokho." Kubeke uMacingwane edinwe egane unwabu ngoba intulo ubengeke esyifica ngendlela ebigijima ngakhona ijahe ukuyothi abantu abafe.
"Okungiidina kakhulu ukuth ngaxoshwa mina emsakazweni namhlanje abakwaDSTV badla enhle imali ngetemu lami engazikhandela lona maqede ngayogwetshwa iminyaka ejele. Thina noMandela saboshwa, ngifuna imali enjengemali ngaleli temu futhi angidlali ngalokho." Kuqhuba lona iChunu.
Bekuzwa lokho abakwaDSTV bavele bathi gede indaba yeChunu lizifunela udumo ngabo, akunamali elizoyithola ngoba akukho la kuvela khona ukuthi leli temu kumele lisetshenziswe ngemvume kaNgizwe. "Sidinga ubufakazi bokuthi leli temu elakhe uMacingwane. Uma engasivezeli ubufakazi angeke athole ngisho indibilishi." Kubeka okhulumela isikhangiso sakwaDSTV.
"Ima zizokhala ngempela ke manje ngba ngeke nami ngithule ngibuke izingane zami zilambe kanje. Abafazi bami bangibuka emehlweni bayabona nabo ukuthi sihlezi nemali endlini. Azikhale." Kuphetha lona iChunu.