Goto News >
Search..

Goto News
Ugiye kwaphengquka ibheshu uMgiliji ephiwa unyanyavu

UNhleko, osanda kuba ngundabuzekwayo ngokuhola izinkumbi zamabutho aphelezele iSilo samabandla onke uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngesikhathi eyotshalwa emasontweni amabili edlule, uphiwe imoto eyiveni nezinkomo ezimbili, izolo. Les sipho besivela enyangeni edumile uDkt Khehlelezi.


Ngesikhathi enikezwa imoto emzini wakhe oseHlalangwenya, kwaNongoma, injabulo ibibhalwe emehlweni kuNhleko, obelokhu egcizelela ukuthi le moto ithi yena. “Uma ngihamba, noma ngabe ngiya emihlanganweni, angisezukulinda amatekisi. Sengizodumisa imoto yami. Ingijabulisile kakhulu le nto eyenziwe uDkt Khehlelezi.” Kubeka umdidiyeli wamabutho.

Bebefinya ngendololwane abebehambele emzini kaNhleko izolo, njengoba bekubuswa, kujatshulelwa imoto entsha. Kwabebezomhalalisela bekukhona nabantwana basendlunkulu, okubalwa kubo umntwana uThulani Zulu, okhulumela indlunkulu, ezinye izinyanga namalungu omphakathi.


Ngesikhathi exoxa neSolezwe, ingxoxo ibibuye iphazamiseke njengoba uNhleko ebematasa, enza isiqiniseko sokuthi bonke abebemsingethe izolo bagoduka bebusile. Echaza ngesenzo sakhe, uDkt Khehlelezi uthe babone kunesidingo sokuthi benze umsebenzi kaNhleko wokudidiyela amabutho ube lula. “Imoto izokwenza ukuthi kube lula ukuthi uma eya emihlanganweni angasweli izinto zokuhamba. Ngezinkomo, besithi amabutho awadle.”