Zithelana ngomquba ezaqhathelwa emfuleni emibili egelezayo kazi iyozala nkomoni. Zijikijelana ngamagama nje kazi iyomila yini imbuya la ziyodibana khona njengoba esefunge wagomela umfoka Macingwane wathi ngeke kumile mbuya futhi ngeke kumile tshani la beyodibana khona.
Indaba iqalwe Igcokama elisha umfoka Manqele ofake ivideo ekhasini lakhe wathi usona sona kanye isitho sangasese somuntu wesibhuda njengoba uCevuzile esemubi kangaka nje. "Ubunsizwa bami ibona obungenza ngibone sengathi usuke edla uma epostile uSkhova kodwa kulokhu ngizizwa ngifikelwa ukucasuka. Ngicikwa nayileli dlanzana labalandeli bakhe elilokhu lisineka engathi ikhona into ehlekisayo kulamakaka ashiwo ilo." Kudinwe uSomcevu.
"Angizwani nomfana osantandane kanje mina yey ngithi angizwani nentandane. Wemfana ngithi la esohlangana ngokufumba ngolabhabha wempama ngiyabona wakhula izinsizwa zivalelwe etilongweni mfana awuzazi izinsizwa yeses!! Kokusiza ukuthi ubaleke uzephule mhla sihlangana ngoba ngokubamba ngikuyeke mina." Kuqhuba uCevuzile.