UKhuzani Indlamulenze Mpungose ukhala ngo R600 000 akawuwina kuma KZN Entertainment Awards akangakaze awuthole, lensizwa kanye nozakwabo eyawina nabo abakaze bakhokhelwe imali yoba ababethenjiswe yona ukuqala konyaka.
Ngesonto elendlule uKhuzani uveze incwadi kuFacebook akayibhalelwe abama KZN Entertainment Awards bexolisa ngesenzo sabo sokuthi kuze kufike lesisikhathi bengakaze beyikhokhe lemali yeNdlamlenze kodwa lencwadi bamuthumelele yona ngemva kokuba aye wabhala ekhasini lakhe lakaFacebook kanye naku Instagram ukuthi,"Njengabathandi bomculo wami abangivotela ngenhloso yokuthi ngiwine ngibona kungcono ukuthi nginitshele ukuthi lo R600 000 okwavezwa ukuthi ngiwuwinile namanje awukaze ufike kwaMpungose".
Yaqubeka yathi iNdlamlenze ngicela ningiphe imibono njengabantu abakhipha izimali zabo bangivotela kodwa kubikwa ukuthi uKhuzani washesha wawususa lombhalo uma ebuzwa ukuthi kungani washesha wawususa uye wachaza wathi abahleli bomcimbi bamucela ukuthi awususe base bethi kuzoshaya ulwesiThathu lolu lwanamuhla sekulungile.