Goto News >
Search..

Goto News
Ukhala ngesenzo seMfezi uMxhashazwa

Ukhala ezimathonsi uMxhashazwa umfoka Majola ngengoma yakhe eyantshontshwa uPhumlani Mfezemnyama Khumalo. Le nsizwa eseyivukane ithi yaqopha ingoma ngo-2017 kodwa yangakwazi ukuyikhipha ngezizathu ezithile. Uthi kodwa wayehlala eyidlala ezindaweni uma kuhlangenwe noma emenyiwe ukuthi azonandisa emcimbini ethile.


Ukhulume nabephepha lesilungu iDailly sun wathi kubuhlungu futhi akazi uzokwenza njani ngoba akasakhoni nokuyidlala manje ngoba kuvele kuthiwe eyeMfezi. "Le ngoma ikwi-album yami yesithathu esihloko sithi Isigilamkhuba." Kusho uMxhashazwa. "Bengijwayele ukuyidlalela abantu bejabule kodwa ngangaba nayo imali yokuyiveza ukuze idume yaziwe umhlaba wonke."

"Sengizame imiyaka yaze yaba mithathu ukuthi ngiyenze idume. Okubuhlungu ukuthi Imfezemnyama ithathi advantage yokuthi isingumculi odumile yona yayithatha ingoma yami yavela sengathi ingeyayo. Uma ungangena kuyoutube uzobona ukuthi yafakwa ngo-2018 kanti Imfezi ikhiphe eyayo ngo-2019. Uyazibonela nawe ukuthi ubani isela lapho." Kusho uMxhashazwa.


Ebuzwa uPhumlani ngaloludaba uvele wathi akamazi nakumazi yena lowo Mxhashazwa. "Ubani manje futhi uMxhashazwa? Konje sebuvuliwe utshwala. Ngikhiphe le ngoma ngo-2019 and ngeke ngathi ingeyami kodwa yona eyami. Yayivele isikhona kwi-public domain so akekho umuntu ongathi ingeyakhe ingoma ekwi-domain." Kuchaza Imfezemnyama.


Zombili izingoma zalezi zinsizwa zidlulisa umlayezo ofanayo. Ithi mama ubaba ulala nami, thula mntanami sobulawa indlala. Ungazilalela kuyoutube khona la ngezansi uzwe ekaMxhashazwa. EyeMfezi nginethemba lokuthi uyayazi vele so ngeke yona ngiyifake la uzoyithola kodwa kuyoutube straight.