Goto News >
Search..

Goto News
Ukhala ngezinhlamba uMkhushulwa

Othwebula isimo sezulu obelokhu ewundaba mlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto usezwakalise okukhulu ukuphoxeka ngendlela abantu abaphendukezele ngayo umbiko wakhe. UMkhushulwa uthe emibikweni wakhe wesimo sezulu wakubeka kwacaca ukuthi akuzona zonke izindawo ezizochaphazeleka nosekudumaza uma abantu sebefuna u-Eloise ngenkani ezindaweni zabo. 


UMkhushulwa Msimang usho kanje kulandela ukuxwayisa kwakhe ngesishingishane u-Eloise. Lesi sishingishane besizohlasela eMozambique size sizobhajwa kwezinye zezingxenye zezindawo zaKwaZulu-Natal.

Emuva kokukhipha lesi sixwayiso nabakwaSouth African Weather Service uMkhushulwa ubeseqala ephenduka ihlaya ezinkundleni zokuxhumana bebodwa abathi kufanele aboshwe uma singafikanga ngasemakubo lesi sishingishane.


Abanye baze baqopha izingoma, baqopha imiyalezo ngalo mbiko bebodwa abenza namavideo. Lokhu akuzange kwehle kahle kuMkhushulwa, ekhuluma namhlanje ohlelweni loKhozi FM lwantambama olushayelwa uMroza noMzokoloko, uveze ukuthi kumphathe kabi ukwenziwa ihlaya ngalolu hlobo. 


UMkhushulwa uthe uma bexwayisa ngesimo sezulu kusuke kubhekelelwa ukuphepha kwabantu futhi miningi nemnyango ephazamisekayo ngokuhlanekezelwa kombiko. Ukwenza amahlaya nokuqhuba usuku kubantu uthe uyakuqonda ukuthi bebekhona ebebechitha isizungu kodwa uyafisa abantu bagcine ukudlala ngemibiko exwayisa ngesimo sezulu ngoba kusuke kuhlengwa imiphefumulo yabantu basheshe bathole izindlela zokuzivikela.


Ephetha uthe kulaba ebese bemchapha ngenhlamba kulandela amakhasi avulwe ezinkundleni zokuxhumana ngaye uyacela bangazikhathazi ngawo ngoba akekho ezinkundleni zokuxhumana.