"Angazi nokuthi ngiqale ngithini into eniyenze kimi iyasabeka". Kusho uKhuzani. "Ngithi kuwona wonke umuntu ongivotelile ngithi angithathe lelithuba ngiguqe phansi ngimemeze umdali ngimcele kube nguyena ongibongelayo kubona bonke ngoba okwami ukubonga ngikubona kukuncane noma bengingathola imilomo ezinkulungwane bekungeke kwanele ngenxa yento enkulu eniyenze kimi."
"Ngifisa ukubonga yize kunganele ukubonga kwami kweningenzele khona ukube ngiyakwazi ukwenza bengizovula inhliziyo yami niyibone nonke ukuthi injani ngenikwenze kimi namanje uma ngicabanga lento eniyenze kimi kufika izinyembezi zenjabulo."
"Khona bengazi ukuthi niyangithanda kakhulu kodwa okungaka angifuni ukuqamba amanga nenze into engingazi ukuthi ngingayichaza ngithini, Ngithi sizwe sonke sakithi uNkulunkulu aze anandisele lapha enithathe khona konke okuhle enikufisayo kwenzeke uNkulunkulu anigcine niphila nina nemindeni yenu nonyaka omusha esiwuqalile uniphathe kahle kwenzeke konke enikudingayo ezimpilweni zenu."
"Amandla angaka eniwakhombise emhlabeni namanje ngisasho lokhu enikwenzile kuyaqala angikaze ngikuzwe.Ngisho emlandweni kade ngibona besaphothwa abantu kodwa okungaka kusezingeni lomhlaba ngibonga umzuzu nomzuzu ngicela uNkulunkulu akuphindaphinde ukubonga kwami kunina."
"Uma ngicabanga emumva lapha engisuka khona ngiqhathanise nalapha eseningibeke khona manje ngifikelwa umunyu konke lokhu kungamandla enu. Ngibonge uNkulunkulu umdali wezinto zonke ngoba ukube ubengavumanga yena kungabe akunjena."
"Ngibonge kubona bonke abaculi abangesekile,
Ngibonge AmaBlue Nation ngokuzikhandla kwabo bevota.
Ngibonge abalandeli babobonke abaculi ebebezikhandla bevota
Ngibonge Abathandi bomculo wonke Jikelelee bebezikhandla bevota. Ngibonge iSouth Africa yonke kuzona zonke izindawo wonke umuntu ovotile ngithi ngiyabonga."
"Ngibonge kubona bonke ebengiqhathwe nabo kwi Top 10 ngithi bafwethu nodade yize besingeke sanqoba sonke kodwa ngibonga ukuzithoba kwenu nivume ukungenela lomncintiswano ngoba ngaphandle kokubamba iqhaza kwenu kungabe awuzanga waba yiMpumelelo nokuqokwa kwethu sonke ngiyacabanga bekuyiphupho kuthina sonke. Ngibonge uKhozi fm ngokusinika leluthuba,Ngibonge abasakazi bonke. Ngibonge u SABC."
"Ngibonge bonke ababeneqhaza ukuthi lomncintiswano ube yiMpumelelo. Ngibonge kubafwethu bonke ebesibambisene nabo kusuka estudio kusasetshenzwa bonke abafwethu engisebenza nabo bonke ngithi kini bafwethu uNkulunkulu anihlenge njalo esikwenzile namhlanje kunyakazise zonke izindawo."