Goto News >
Search..

Goto News
Ukhozi luzakhela imali ngamabhinca

"Bengilokhu ngiluziba lolu daba kodwa sengiyabona nami ukuthi ake ngiphawule. Cha abaphathi boKhozi FM abayeke impakamo bazehlise bakhulume no-Owen Ndlovu. Nabelungu bayakhomba nje kuphela emsebenzini thina sisebenze bese bona bethola enhle imali ngalokho, kungani pho uNdlovu ebukelwa phansi ngobuhlakani bakhe yingoba ewumuntu omnyama?


"Ngokwami abaphathi boKhozi abehlise impakamo baxoxe noNdlovu iphele le nto. Okunye engikuthandile ngoNdlovu ngukuthi ufisa abaculi bahlomule. Kufanele ophumelele kube khona imiklomelo ayitholayo kanjalo nongenile kwabangu-10 kube nokuncane akutholayo."

"Yiningi imali esivota ngayo, akukuhle ukuthi kuhlomule uKhozi kuphela ebese abaculi kuba yigama nje ukuthi bangenile kwezingu-10. Yingakho ngize ngisole ukuthi nokungena kukaMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele noKhuzani “Indlamlenze” Mpungose kuyindlela yokwenza imali kwaboKhozi."


"Empeleni asinakho ubufakazi bokuthi basohlwini ngevoti, kusengenzeka kwenziwa imali kwazise uKhozi ngonyaka odlule ohlelweni uSigiyangengoma izihambeli ezazimenyiwe zizochaza zathi ingoma ephume ngoNovemba nengakaze idlalwe kakhulu emsakazweni ayikhethwa kodwa muva sekungena izingoma ebezinamaviki amabili ziphumile, kanjalo nasoKhozini zidlalwe kanye."

"Akasekho obuyayo ezochaza ukuthi sekushintshile nezikaNovemba seziyathathwa. Lokho nje kukodwa kusivezela impakamo kubaphathi boKhozi kanjalo nokuthi kukhona okushaya amanzi ngokuqokwa kwezingoma ezingu-10. Kokunye ezimele umaskandi zivele ziphuma ngoNovemba nangoDisemba unyaka nonyaka ngeke sithi bebephazanyiswe yiCovid-19."


"Ngicela abaphathi boKhozi bayoguqa ku-Owen Ndlovu ukuze sivote sikhululekile." Kubeka uThanda uMnikaziwempi umfoka Chonco ebikela Isolezwe.