UNgizwe Mchunu uthi bathathathu abantu okufanele baboshwe njengoba sifa kangaka eMzansi iloluKhuvethe, uthe owokuqala uRamaphosa, Owesibili uFikile Mbalula kanye nomphathi wezokuphepha eMzansi ngobe lo "wave 3" okukhulunywa ngaye ukuthi uqeda abantu eGoli nase Western Cape akafikanga ngomoya kodwa ufike ngemikhumbi kanye namaBhanoyi avunyelwe ibona laba baphathi balelilizwe.
Uphinde wamemeza wathi zinsizwa zamaButho phelelani kwaDunusa eNkandla kwaMsholozi nangempela lagaleleka iButho lisuka ezingxenyeni zonke zoMzansi ngoba ngisho nobaba uMgiliji ongumdidiyeli wamaButho kaZulu ezweni lonke ebekhona ngaphendle kwesilayezo saseNdlunkulu kodwa ngoba ubesememezile uMacingwana.
Ephawula ngesinqumo seNkantolo esithi uZuma akavalelwe ejele izinyanga eziyishumi nanhlanu uthe lenkantolo iwathathaphi amandla amangaka wokuthi akuvalelwe umuntu okowuyena owalwa elwela yona lenkantolo ukuthi ibekhona kodwa futhi uma isikhona isiyahluleka ukwenza umsenzi wayo ngoba eminyakeni eyendlule besicindezelekile kodwa kuthe uma luphela ubandlululo akwangaboshwa muntu, kwaphinda kwabakhona iBhunu ebeliphakamisa iFulege lobandlululo ngaphansi kwentando yeningi alangaboshwa leloBhunu elingu Thelebhulantshi kodwa libe liyisaphula Mthetho kwaze kwazoboshwa labo abalibulala lona lingaboshwanga.
Uphethe ngokuthi uMacingwana iNkantolo yaseNingizimu Afrika ihlulekile ukwenza umsebenzi wayo ngesikhathi kufanele iwenze kodwa manje isizovuka ngoMsholozi ngoba nakhu eMnyama noma engumzulu bayakhohlwa ukuthi ilokhu azalwa uMtakaMamZobe uyalwa ulwela iNkululeko yomuntu omnyama bona bakhamisile ngesikhathi engabe benza umsebenzi wabo...