"Kwaze kwanzima ezweni lakithi, kwelakithi kwaNongoma zicekelwe phansi izitolo qede zathungelwa ngomlilo ezinye. Esisasele njengamanje sinye nje vo, Ingonyama Spar nebhange lakwaFNB. Kwayilelidolobhana lakwaNongoma lincuuuu kunezinkumbi zezakhamizi zakhona! Mkhulu kakhulu uNongoma, yiwona onepopulation enkulu kunazo zonke izindawo zasemakhaya alapha kwaZulu Natal, vele idolobha lethu kaliseneli kugcwala lento exakileyo mihla namalanga, kungahambeki nhlobo. Kodwa kunanye abantu abanesibindi sokungqongqisa ngomlilo yona lembijana yezitodlwana ebesinazo"
"Awu nganezakwethu asisale sesikhawula manje ngalomonakalo! Asivikele khona lokhu okuncane okusasele ngoba kuzoba nzima kulezinsuku ezizayo ngenxa yendlala. Kwezinye izindawo kumanaphanapha akusindanga nasinye isitolo ikakhulukazi ezokudla. Lento esiyenzayo ayehlukene nokuzibulala ngoba kusasa yithi futhi esizobe sesikhala ngentuthuko ekubeni kuyithi esibhidlize yona lembijana esinayo."
"Kuthathe iminyakanyaka ukuthi izindawo zasemakhaya zibe ngconywana, kodwa namuhla ngezinsuku ezimbili nje vo sekushabalele konke! Sizokhomba banike ngenjumbane kusasa ekubeni kuyithi esizibhidlizela lona lolubadlana ebesinalo? Yebo zinzima izikhathi esiphila kuzo futhi ziyacindezela kakhulu, kodwa uma sesizigwaza thina ngomkhonto, sibe silubona ukhukho lwemuka nomoya, sizophila ngani? Ngiyazibuza nje manje ukuthi ingabe laba ebebehla benyuka behevuzela bethi aykhale bayajabula yini namuhla njengoba sekunjena nje."
"Angikwazi mina ukukhuza abantu ngoba ngazi ukuthi zinkomo nezimbuzi ezikhuzwayo! Kodwa umuntu ngoba unengqondo kunezilwane uyakwazi ukucabanga nokuzikhuza! Ake sizifundise ukuthi noma ngabe sikhala ngani esinganelisekile ngayo kodwa futhi singakhohlwa ikusasa. Siyothini ezinganeni zethu ngalomlando omubi kangaka wokuzibhidlizela thina konke lokhu okuyintuthukwana esikuthole kanzima kangaka? Angithi uhulumeni wentando yeningi waninika amandla okuvota? Seniwakhohliwe yini lawomandla eniwanikwe uhulumeni wabantu nentando yeningi?"
"Njengoba bebethi aykhale nje ukube bebesho okhethweni ngabe ngiyezwake, ngoba yilungelo lawo wonke umuntu ukuveza umbono wakhe ngevoti, hhayi ukuthi aykhale ngalendlela okwenzeka ngayo. Uma ningawakhohliwe pho anisebenzisi ngani wona ukukhombisa ukunganeliseki kwenu kunokuba nicekele phansi ikusasa lenu nelezingane zenu uqobo? Ayihlale phansi ibambe umthetho nganezakwethu."