UMzukulu insizwa yasoLundi kwaCeza edume ngengoma enkulu, ikhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana esigxeka izinkabi esezimunkantshubomvu endimeni yomculo wesintu ezizokhipha engakafiki umhlaka 10. "Kusagida amathwasa angithi kodwa ngale komhlaka 10 kuyobe sekusukuma oGobela", iyonak inkulumo kaMzukulu lena esuse umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana, ngoba lenkulumo eveza ngokusobala ukuthi amathwasa uKhuzani noMthandeni kanye noNgigakamahlalela Ndlovu njengoba kuyibona abadumile abazokhipha umsebenzi wabo ngomhlaka 3 nangomhlaka 4.
Umlandeli wokuqala ophendule lenkulumo kaMzukulu kube uSya Mshovi Xaba ophendule wathi, "Ey Mzukulu angiyithandi inkulumo yakho Bhuti kanti umculo wakho umnandi mfwethu, ngicela ube nendlela yokukhuma", umlandeli ulandelile ubuze ukuthi, usudumileni?, ebuza kuMzukulu ngoba ekhombisa ngokusobala ukuthi akayithandi lenkulumo kaMzukulu, omunye wathi kshuthi sizokulalela Januwali. Lensizwake ewuMzukulu yona ithembise lukhulu ngomhlaka 10 kuZibandlela kanti uMthandeni yena umemezele emsakazweni uKhoziFM ohlelweni lukaMroza ukuthi liyaphuma Igcokamelisha ngomhlaka 2 kuwo uDecember kanti Ungiga uyeza ngeyi 3 ebese uKhuzani ephuma ngeyi 4 kuyona lenyanga ephezulu...