"Kakufanele silinde umuntu aze afe kuyima simncoma kodwa sokwenza bukhoma naye abone. Kuloba umhleli. "Le nsizwa ihamba nomusa wesibusiso phakathi. Amakholwa ayazi kahle le yesibusiso esidlulela komunye. Bayaye bathi Yi"impartation" umusa wokwenza izinto zenzeke usuka komunye udlulele komunye.
"Njengoba kwenzeka kuEliya no-Elisha ebhayibhelini. Amandla ayenawo uMprofethi-Eliya ehlela kumprofethi Elisha. Lokhu kwenzeka kuyo-yonke imikhakha yempilo." Obekufundisa umlalela nizwana (mentor) ushiya umusa kuwe wena bese uba ngaphezulu kwakhe. Impilo yeNdlamlenze uKhuzani umfokaMpungose iyincwadi efundekayo nesobala." Kuqhuba umhleli.
Impela ugcobo nomusa kaMtshengiseni Gcwensa obethandwa wasalela kule nsizwa futhi wayibusiza wayigcoba. Impumelelo yalo mculi iyasimangaza futhi iletha ithemba ngempilo yomuntu. Ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla ezibambela mathupha yikho okumubeke kuleli zinga. Emncane kangaka ngomculo wesintu wenze ezibukwayo.
Ukuwina kwengoma yakhe ihlukanise unyaka kuKhozi FM umlando omkhulu Lo. Ukudla kwakhe izindondo kusho izinga asekulo lempilo. Ukugcwalisa iMoses Mabhida Stadium kusho ukuthi isigomagoma lesi. Siyaziqhenya njengephephandaba lesiZulu ukubona owohlanga ephumelela kanjena.
Lesi isifundo nje sokuthi abaculi abasafufusa ake bayibuke le nsizwa bafunde kuyo futhi basondele kuyo ukuze umusa enawo wehlele nakubo. Umculi kamaskandi uke wabukeleka phansi isikhathi eside kodwa ngale nsizwa sithi uthole ukuhlonishwa. Siyokhuluma ngabanye kodwa namuhla sibuke nansi Indlamlenze.
Khula uphile Kade ndoda yamadoda impumelelo onayo iyasijabulisa. Sikuphonsela inselelo yokuthi ukhande manje isikole ngakini somculo kamaskandi ukuze umusa onawo nolwazi ludlulele nakwabanye. Kuvuke abanye oKhuzani abayoba ngaphezulu kwakho, njengoba ungaphezulu kukaMtshenguseni.