Goto News >
Search..

Goto News
Ulaxaze Amagezamahle wavula iqembu lakhe nomfowabo
UKhayelihle Ngobese odume ngelika Potso engowakwa Ndebele isibongo ezalwa kwaNgobese ezalwa uMaNgobese odume kakhulu eqenjini elikhulu emculweni wesintu eliphethwe ngabantu besifazane okuyiZingane Zoma ulaxaze iqembu elikhulu lamaGezamahle.

KuleliQembu lamaGezamahle uMfokaNdebele odume ngoNgobese ngenxa yokuthi ukhulele ekhaya konina ubehamba phambili kanye nalensizwa ebizwa ngokuthi uNsimbi kodwa kubikwa ukuthi lensizwa enguPotso iyalishiya leliqembu lamaGeza. Kuke kwabakhona izinxushunxushu ngaphakathi eqenjini ezithinta izimali zeqembu njengoba zake zabakhona nakudala kusekhona umbumbi walo okunguMtshengiseni Gcwensa esasebenza noNjencane Ngubane kanye noMphondi uMfokaNtombela osashona njengoba naye uGcwensa esendela koyiseMkhulu bakhe, kubikwa ukuthi lezinkinga zezimali ezibekhona ngaphakathi eqenjini sekuphethe uPotso uyena obesoleka ngokudla izimali zeqembu ngendlela engalungile njengoba nasekuqaleni kwakusoleka uGcwensa njengoba iqembu lagcina lihlukana phakathi uMphondi noNjencane baphuma elabo inxiwa okuthe beqeda ukuliphuma wabe esehlatshwa ukugula-nje okuncane wadlula emhlabeni uMphondi kwase kuba ukufa kweqembu kodwa kulokhu kubikwa ukuthi lendoda okuyiyona esolekayo iyona ephumayo eqenjini.

Ebuzwa ngokulaxaza iqembu lamaGeza nangamahemuhemu wokuthi ulilaxaza ngoba engenaso isandla ekuphatheni nasekulawuleni indlela yokusebenzisa izimali zeqembu, ukuveze kwacacabha ukuthi uhamba ngoba sekukhona umfana weNdidane esekufanele kube uyena ozohamba phambili eqenjini likayise hhayi ngoba kukhona abantu abamuxoshayo ngenxa yezinsolo zokuthi uyathinteka ekulahlekeni kwezimali ezithile. Umfana weNdidane uyena owenze ukuthi lensizwa yakwaNgobese ivule elayo iqembu...