Goto News >
Search..

Goto News
ULusanda akasoze afane noMgqumeni kusho oJezekhulu

UNelisani odume ngelikaNdlemnyama kanye noSkevane abadumekakhulu ngoJezekhulu emculweni wesintu bayizinsizwa zakwaMseleku ezingene ezicathulweni zikaMgqumeni Khulekani Kwakhe Khumalo ngoba kuthe uma edlula emhlabeni uMgqumeni bona basala baqubeka namaqembu akhe uMgqumeni kanye nazo zonke lezinsizwa ezazigidela yena uMgqumeni kodwa okwathi uma kuqubeka isikhathi zahlubuka zazivulela awazo amaqembu. Ekuphumeni kwazo lezinsizwa kwabakhona izinkulumo ezazithi zixoshiwe emaqenjini kaMgqumeni zixoshwe yibona oJezekhulu ngoba bethi izinto zikaMgqumeni ezabo noma ezakubo kanye namaqembu akhe.

Bebuzwa ukuthi njengoba bebaningi kangaka abaculi abacula ushuni waseNdlunkulu noma ushuni kaMgqumeni ngabe ukhona yini oyofana naye uMgqumeni, baphendule bathi akekho ngoba akekho omunye umuntu oyozalwa uMaMseleku abe ngowakwaKhumalo futhi azalwe umaQawe. Baphethe ngokuthi noLusanda akasoze afane noyise uma esazalwa uMaXulu ngoba lento isuka kwaMseleku...