Goto News >
Search..

Goto News
ULusanda ufuna amaqembu kayise abuyele kuye

ULusanda Khumalo indodana kaKhulekani Kwakhe Mgqumeni Khumalo owaduma kakhulu endemeni yomculo wesintu kangangokuba abaculi abaningi njengamanje babengabalandeli bakhe futhi bangena emculweni ngoba babethanda yena kanti neningi labo lizama ukulingisa yena kangangokuba abanye abavelele kuwo lomculo nokuyibona asebethathwa njengabaculi abaphumelele emculweni kaMaskandi (Khuzani noMthandeni) badume ngoba kade belwa ngengoma bebanga ukuthi bacula njengalo iqawe likaMaqawe Ibhova likaDikaka okunguMgqumeni Kwakhe Khumalo ubaba kaLusanda Khumalo.

UMfokaMgqumeni okunguLusanda Khumalo usephumele obala ngokungaphatheki kahle kwakhe ngomzala bakaMgqumeni abaqoqobele igama likababa wakhe kanye namaqembu akhe emculweni wesintu. Uthi uLusanda akaziboni engena ezicathulweni zikayise kwezomculo ngoba kunabantu abaqoqobele igama likayise kanye nezinto zakhe abaphinde badle ngegama likayise yena kanye nabafowabo bebe belambile, uqubeke wathi uzozama ukuziqalela okwakhe kanye nabafowabo okuzokhulisa igama lakhe kanye nabafowabo ngoba abanawo amandla okuphuca laba bantu abazibiza ngomzala bakayise okungoJezelikhulu abaphinde baziwe ngoSkhevane kanye noNelisani Mseleku izinto zikababa wakhe. Ebuzwa ngesihloko secwecwe lakhe elizophuma ngoApril uphendule wathi, "Badliwa unembeza", kanti ebuzwa ukuthi uyazibona yini esebenzisana noJezelikhulu uphendule wathi, "lokho akusoze kwenzeke".