Goto News >
Search..

Goto News
Umbango wengezo usekude ukuphela

Ngisho isizukulwane sesizukulwane seGcokama siyokhula sazi ukuthi ingezo yalwelwa uyise mkhulu futhi kumele ukuthi naso silwe ngisho sesiguqe ngedolo phansi. Esithombeni kuvela uSame time umfowabo ka 9mm. Akagezile wehlule sebevele bayatatazela ontaba kayikhonjwa. Kubeka isiphuzo esishisayo sabasakazi.


"Impela okuhle nomusa kuyasilandela thina bendlu yeGcokama elisha namaphethelo. Siyabonga kumfoka Kuphosa kwenyathi ngento enhle akasifundisa yona kusukela efika la endimeni yomculo, namhlanje kufunda ngisho izingane zethu. Kuhle ukuhlanzeka uma ungumuntu, kuhle ukuzithanda ukuze nawe uzothandeka. Buka iqhawe lethu elincane ligezile liyacwebezela."

Kubeka uShoba lenkonkoni eMtuba. "Mina ngikhalela ezikaSwelizinyo eziyokhula kanye kanye nezeGcokama ngoba komele ziyilwe ngenkani lempi. Angiboni ukuthi ziyohamba ezinyathelweni zikayise ngoba wehluleka kakhulu ukugeza kanti kungenisele ezinganeni. Ngiye ngibone ngisho ezikoleni zamabanga aphansi ziyadunusa izingane ziyageza ziyazwebezela."


Kubeka uZondidixa umfoka Shange kwaNgono. "Kuthanda ukuba ngumqansa khona ngoba lempi yengezo kubukeka sengathi isakude ngempela ukuphela uma iyoke iphele. Bekukuhle kusagezwa ngapha ngakithi kuphela. Inkinga iqale isibangwa lento yengezo nabanye bethi eyethu ingezo. Uma oSame time begeza bezelwe kusho ukuthi impela kusazomoshela kakhulu."