Njenganhlala yenza, liphinde laqhakambiswa futhi igama lomculo kaMaskandi la obekuhlangene khona izicukuthwane zeminye imikhakha yomculo. Lapha bekubungazwa ubuhle obenziwe insizwa yomkhaba eyathatha isiphalaphala sentokazi enhle emhlophe maqede zakhala ezimathonsi izimbangi.
Bekuwusuku lwendumezulu yomshado wesintu obewenziwe uMampintsha enzela ingoduso yakhe edume kakhulu ezindimeni zomculo wegqomu uBongekile Babes Wodumo Simelane. Kulo mgcagcu oshiye abaningi bengawuvali umlomo ngenxa yobuhle bawo, bekukhona nenkosi yamabhinca engabulali ubuthongo kulezinsuku ngenxa kaKing Nuba ufuna ukusithatha ngodli dlakalzi ijazi lephoyisa lesi sikhundla.
"Bekubizwe izinsizwa nabantu abaziwayo ukuthi bangamaqhawe eNingizimu Africa. Belingeke ke lisale igama lami njengenkosi Yamabhinca onke jikelele. Ngibongela inotkazi yakwaSimelane osekuthe ngosuku lwayizolo yazibona isiphenduka umfazi osemthethweni wakwaMaphumulo. Bekukuhle kudelile ngimele amabhinca njengenhlala yenza. Uzokhumbula ukuthi kwakunzima kanjani beqala ukuthandana uBabes noMampintsha, ziningi izinsizwa ezazimfuna zithi ufunani ekhehleni zikhona."
"SIyabonga uma egcine ekhombisile uMampintsha ukuthi inhloso yakhe kwakuvele kungukumthatha amenze umfazi uBabes. Kushuthi wayethi udansa laphana engomeni yokuqala akavela kuyona uBabes, sithi sibuka izinqa thina wayebona umfazi uMampintsha. Ngithike nginimele kahle sizwe samabhinca wahamba kahle kakhulu futhi nomcimbi." Kubeka uNgizwe.