"2001 eJabulani kwakunepromotion wahlangana neBhova likaDikadika wakhuluma nalo walivezela isifiso sakhe sokujoyina amaqembu ayeholwa yiBhova ngalesosikhathi ayekade eshiywe nguMahawukela. IBhova lathi kuMjik'jelwa okungcono akakhulume noQondani. Nebala wakhuluma noQondani wathi uQondani alifike iChalaha eTembisa lapho babepractisela khona. Ngosuku lokuqala lifike epractisini iChalaha eTembisa boonke abawuvalanga umlomo bebona izimanga ezazigilwa yiChalaha. UMgqumeni akakaze acabange kabili kodwa wamthatha ukusuka lapho wathi "lomfana ngizobhubhisa ngaye izinsizwa."
"Ngalesosikhathi iBhova lalisaqhuba umsebenzi kaMahawukela. Kwafika isikhathi lapho iBhova lashiya khona amaqembu kaMahawukela kwaba khona elibashiya nawo ukuthi beqhubeke nawo,iChalaha lahamba neBhova. Seliphumile iBhova emaqenjini kaMahawukela lasungula iqembu Amagcokama lapho lalishuthe khona noMtshengiseni Gcwensa."
"Emveni kwaMagcokama iBhova ngokubonisana noQondani babe sebesungula iqembu abalibiza ngokuthi Abakwethu. Kuleliqembu kwakucula iBhova kodwa kuyiCover yeCD kwakushuthe uMjik'jelwa noMphondi(Sibongiseni Ntombela ongasekho). Isizathu esenza ukuthi kubekwe lezinsizwa kuyiCD cover yaBakwethu yingoba kwakuyizona ezazijikijela ngengoma futhi zaziwa zasezinabalandeli uma kudlala iBhova. Babona ukuthi kuzoba lula ukuthi zemukeleke emphakathini ngoba amagalelo azo ayesaziwa.
Kwahamba isikhathi kwafika lapho khona iBhova lishiywa amanye amalunga alo ahamba ayovula umuzi wawo. UMjik'jelwa waqhubeka wahamba neBhova likaDikadika. Into eyayiqapheleka ngoMjik'jelwa ukuthi wayengumfana owayezihlupha ngolwazi futhi ekhuthele uma kunemidlalo."
"Ukukhuthala kwakhe kanye nokuba wumfana owayekhombisa ubuchule kwamenza uma kwenziwa izinto wagcina wabizwa ngeNduna eNdlunkulu. UMgqumeni walithanda izwi likaMjik'jelwa uma beziculela nje bendawonye wagcina wamcela ukuthi amsize ngamaBackings uma kudlalwa live kumaShows. ElikaMaqhawe belihlaba ngazozonke uma seliphusha izitha,buka nje lanika uMjik'jelwa noKhangelani ithuba lokucula kuyiThwasa Lami. Ingoma yokuqala yeCD yeThwasa Lami yayiculwa phambili nguyena uMjik'jelwa.
Ngenkathi esekuMgqumeni uMjik'jelwa ubebambe iqhaza ubengagcini ngokuba yidancer kuphela kodwa ubebuye abhale izingoma. Kunengoma eyaduma kakhulu ayeyibhale ngokuhlanganyela noMgqumeni eyayithi "Laduma lamthatha umuntu oqamba amanga". Enye ingoma ezokhumbuleka eyayibhalwe uMjik'jelwa kuMgqumeni yilena ethi "Bakhokhoba ngomnyama". Zonke lezingoma kwakungezehawu lokho okucacisa ngokusobala ukuthi uMjik'jelwa wayebambe elingakanani iqhaza ukujaha izitha zeBhova."
"Ngo2008 iChalaha lalihlele ukukhipha umsebenzi walo lihamba lodwa kodwa libe lingaphansi kweBhova. UQondani Mthethwa wathatha isinqumo sokuthi uMjik'jelwa akangaculi eThwaseni Lami (Lonakele Izwe). Ngalesosikhathi uQondani kanye neBhova babebusy befunela uMjik'jelwa icompany. Zaseziqalile izinhlelo zokuvula iMgqumeni Entertainment kodwa manje yayingenazo izimali ezanele zokumaketha abaculi.
UMgqumeni noQondani bahamba bayomkhulumela ecompanini yeZingane Zoma yafike yabachitha. UMthethwa wabe esezama uMasondo,uMasondo akamchithanga kodwa wathi akeze neRemove okuyilapho athi khona uQondani phela lomfana asimdayisi. Waphetha ngokungayi kuMasondo."
"Ngokubona ukuthi iMgqumeni Entertainment ayikabi namali uQondani neBhova babe sebethi uMjik'jelwa akazifunele yena icompany kodwa efike khona azimele angalinge ebe ngaphansi komuntu. Bathi kuyena naleyoCompany ayazise uMjik'jelwa ukuthi bayayiboleka yona basazomlanda uma iMgqumeni Entertainement isisimeme. Nangempela wathola i-Amon Music. Kuyi-Amon wafike wemukelwa ngezandla ezimhlophe.
KWABE SEKUSUKA AMANGA INTATHELI YESOLEZWE IHUBHUZA AMANGA NGOMJIK'JELWA KANYE NEBHOVA.
Ingakaphumi iCD uMjik'jelwa wokuqala kunodaba olwabhalwa yiphephandaba lihubhuza amanga lithi uMjik'jelwa utheni ngeBhova. IChalaha ladinwa lagana unwabu lifunda lelophephandaba. Labe selithinta iBhova noQondani ukuthi bahlangana babhunga ngalamanga ayehubhuzwa yiphephandaba elaliqonde ukuxova iNdlunkulu futhi lizama ukuyehlisa isithunzi.
IBhova labe selifonela intatheli layibuza ukuthi ikuthathaphi lokhu ekubhalile? Lifona nje bahleli ndawonye noMjik'jelwa noQondani. Intatheli yankwankwaza lase lithi iBhova bhalani nifike la nithanda khona zintatheli vele ibusiness yethu iqhubeka kahle uma nibhala amanga. Baqhubeka bazizwanela uMjik'jelwa neBhova kanye noQondani okunguyena owayeyiManager yeBhova. Amanga ephephandaba awakaze abuphazamise ubudlelwano beBhova neChalaha."
"KuyiCD yokuqala kaMjik'jelwa ethi Sihlupheke sonke lengoma yadida intatheli yagcina isihlaziya into engekho okwayiholela ekutheni igcine isibika amanga. Lengoma yayinezinhlamvu ezithi "Kwakumnandi kabi sisendawonye weDlamanzi sasishaya njalo thina izinsizwa sisahlangene. Kwafika umona wasixabanisa,kwafika umona wasihlukanisa.Bheka namhlanje thina asisezwani nomunye wenza okwakhe. (((Iminyaka eminingi sihlupheke sonke abaningi bayasazi,singenamali,sishebeleza sishaya izinsizwa"
Kulengoma uMjik'jelwa wayexoxela uthisha wakhe uMgqumeni ekhumbula izikhathi ezimnandi behlupheka kanye nezikhathi ezinhle beshaya izinsizwa. Umona lona okuthiwa wafika kwakucikozwa kwakushiwo umuntu empeleni owayefuna ukuhlukanisa iBhova noMjik'jelwa engafuni ukuthi uMjik'jelwa abe ngaphansi kweBhova uma esezimele.
From 2009 okaMtikila esezimele akaphindanga wahlehlela emumva wabe esesungula iqembu Omenzelwa. Leligama Omenzelwa lalijwayele ukusetshenziswa yizitha zeBhova uma zifuna ukuqeda oMjik'jelwa kanye nayenabo eNdlunkulu amandla ukuthi bebukeke njengabantu abangazi lutho. Kule-album yoMenzelwa kwakunengoma eyayincoma iBhova ithi "Ngaphekwa yiBhova'. IBhova lizwa le-album lehluleka wukuzibamba lamhalalisela uMjik'jelwa lathi kuye "Mfan'wami uzoba yinkathazo kwabaningi ngiyajabula ngomsebenzi wakho usazoshaya izinsizwa utshelwa yimina".
"Selihambile iBhova emhlabeni kwasuka umona kwabanye engingeke ngibadalule ngamagama bethi uMjik'jelwa waxoshwa eNdlunkulu bephinde bethi wayengezwani neBhova konke lokho babekushiswo wumona kwazise okaMtikila wayesevimbe kwasani nge-album i20 Years ago. Abanye abantu ababengenalo ulwazi bakhohliseka bekholwa nabo ngempela ukuthi uMjik'jelwa wayengasezwani neDlamanzi. Ezibongweni ezikuyi20 Years ago kukhona lapho khona uMjik'jelwa ethi "uhubhu kaBhejane obhuze emaphephandabeni bethi uMjik'jelwa ubengasathelelani neDlamanzi besho behubhuza aluhlaza amanga bebe bengazi nokuthi sasihlangene kanjani."
"Waphikelela,wadlova,wathubeleza khona kunjalo okaMtikila lawomanga nezinhlamba nokucindezelwa akwangamthena amandla kuze kube namhlanje. Ngokungayisabi inselelo futhi ethanda impumelelo nama challenges in life wabe esesungula iCompany yakhe iMjik'jelwa Music Production esekhona kuze kube yimanje futhi esikhiqize abaculi abaningi."
"Ama-albums akhe nanka:
1.Sihlupheke Sonke
2. Yini Onayo?
3. 20 Years ago
4. Sebengithathile
5. Senazi kakhulu
6. Bayonibuza
7. Inkinga Anginayo
8.Wayenzindaba
9. Challenge
10. Hleka Ngibone
11. Sivelelwe
12. Siyakhona
13. Kade ngangibona
14. Izivivinyo
15. Usuboneni
16. Uthando luyinkinga
17. Ngangihamba naye
18. Angidlali nani
19.Nganghamba naye
20.Lalilihle
21.Ngyaziqhenya
22.Basho kanje
23.Uthini loya
And many more albums
Plus two DVDs"
"usebenzisane nabaculi abaningana okubalwa uSmonyo,Alie,Amafikalishona,Dulas,Phiwa Manqele,Shwi noMtekhala,Qondani,Indodakazi yeNtandane Phiwa Manqele Jaiva Ngiga Mfezemnyama Abafana bakaMgqumeni Zanefa Osaziwayo Thwasa lekhansela Nqobani nabanye.
AWARDS
2011- SATMA BEST POPULAR SONG
2013- SAVA BEST MASKANDI
2015 BEST SONG"
By Matouch kwezeMagic Fingers