Mhleli baningi abafisayo ukuthi 'Fuseg Wethu!!' kodwa ukuzigqaja nomona kubavimbele indlela eya empumelelweni. Kungani bengavumi ukuthi iyatrenda vele eyakoDuyaza ngoba vele isiwudlala yodwa lo mdlalo? Bayibuka ngeso leSkhova abaseMdletsheni kanti abaseMandaba bathi ayilwe ngengoma hhayi ngamatemu, kusemculweni la akushaywa mlolozelo.
Insizwa esineminyaka ilalndela umculo kaMaskandi ebingumlandeli omkhulu weNdidane umfoka Gcwensa ithi kungani singavumi ukuthi Igcokama lihlulekile manje ngengoma yingakho selikhethe ukuzishayela amatemu? "Anginamona admin kodwa ngikhathazwa ukuthi kungani etrenda ngetemu ekubeni engumculi?"
"Fuseg Wethu!!" Limnandi impela leli temu futhi liyamfanela uSkhova kodwa uthule uthini uma ebona kutrenda itemu ekubeni wahluleka wancama ukusondela kuKhuzani ngamavoti. Kuphi emlonyeni? Sakhala kuphela!! Kumanje le nsizwa ibhizi iyehla iyenyuka ilungiselela ukukhipha umdividiyo wengoma ethi amageja kodwa kwayona ayizwakali nje kahle."
"Yebo kuzothiwa sinomona ngoba sihamba noKhuba kodwa kuthanda ukusikhathaza singabathandi bomculo ukuthi kanti le nsizwa yini isiphiwo sayo. Ngezwa inconywa kuthiwa ishayile kanti izibize ngomuntu omkhulu Unyazi lwezulu." Kukhononda uSmanga ongumlandeli omkhulu kaMaskandi.