UMthandeni Gcokamelisha Skhova, "ngoba phela useyalithanda leligama leSkhova", Manqele ufuna ukuzikhandela igama elihle ngokuhlanganisa abaculi abaxabana kudala naye engakafiki noma engakagqami endimeni yomculo wesintu okungu Chillis owaduma kakhulu ngokugidela uMgqumeni ehambisana noMjikijelwa, DSD, Jaivazimnike, Skhevane noNdlemnyama esebeduma ngaBafana bakaMgqumeni. UMthandeni uChillis umhlanganisa noMfezemnyama odume kakhulu emculweni kaMaskandi ngaMabunjwa, Indiya kanye noMfezemnyama nophinde asebenze nabaculi abakhulu abahlonishwayo abafana noBig Zulu kanye noNtabayaseDubai. UMthandeni uzihlanganisile lezinsizwa wathi azivuse iqembu lazo elidala ababelibiza ngoChillis neNdiya kanti kubukeka sengathi zizofezeka izifiso zalendoda wakwaManqele ngoba sezixolelene lezinsizwa ezimbili zaze zashutha neCover photo yeEP yazo engaphuma noma yinini kusukela manje.
Ezibuhlunguke zithi ayikaze ibe nenhlahla lensizwa enguChillis selekhu kwashona uMgqumeni ngoba wathi uma eshona yavula iqembu layo noMfezi izinto azangahamba kahle, yazama ukufuna umsebenzi kwabheda, yabuya futhi emculweni isizogidela uDSD kwabheda, yendlula yayogidela uMthandeni nakhona ayangagqama kahle yendlula yathatha isinqumo sokubuyela esikoleni kwaGrade 11 esikoleni sangakubo eNquthu esibizwa ngokuthi Ibongumenzi nakhuna isixoshiwe futhi kwathiwa isindala kakhulu ukuba ingaba kulesiya sikole njengoba ineminyaka engu 48 kulonyaka, asazike ukuthi kuzohamba kanjani eqenjini elivuswe kabusha elinayo kanye noMfezemnyama elibizwa Chillis neNdiya...