Goto News >
Search..

Goto News
Umubango ezibiza ngeBhova uLusanda

Sekuqubuke enkulu impikiswano ehambisana nomubango ezinkundleni zokuxhumana. Kutrende isithombe somfana weBhova uLusanda osanda kuqeda ibanga likamatikuletsheni ezibiza ngeBhova elincane. Uzokhumbula phela ukuthi uMdumazi uyena ozibiza ngeBhova elincane, abakuthandi ke lokho ababethanda uMgqumeni kanti abanye bathi uLusanda uyaganga.


"Ibhova uhlobo lwenja enamandla kakhulu negada ikhaya elumayo okungadlalelwa nhlobo kuyona. UMgqumeni wasebenza iminyaka ezibiza ngeDlamanzi namanye amaningi amagama waze wabona ukuthi unamandla futhi kumfanele ukuthi azibize ngalolu hlobo lwenja wabe esezibiza ngeBhova ke."

"UMdumazi zimnethe phambi kwethu sonke sibhekile, evika ngisho eselele phansi evinjwa kuzona zonke izindawo ephucwa nentombi yakhe kudlalwa ngaye sibhekile. Kungani ebangiswa leli gama ngoba ayikho into esiyaziyo ngoLusanda? Lo mfana kusamele azibonakalise enze izinto okuzomele zisenze sigcine sibona ukuthi kumfanele ukuzibiza ngeBhova." Kubeka umfoka Shenge eMtuba.


"Sengifisa nokwazi iminyaka kaShenge nokuthi uqale nini ukulandela uMaskandi. Ibhova likadika dika eladikadika umuntu ekhathele ebuya okhuleni umkhulu kaMgqumeni lowo. Bese kuthi Idlamanzi noma Igcokama umalume kaMgqumeni lowo. Mancane kakhulu amagama kaMgqumeni athi yena ngoba amaningi ayebizwa ngawo naye wayezibiza ngawo kodwa akuwona awakhe." Kubeka uLindokuhle Mtshali.