Goto News >
Search..

Goto News
UNgizwe ukhala ngokuphushiswa uKing Nuba

UNgizwe Mchunu indoda ehlala itrenda noma okuhlale kukhulunywa ngayo kanye nezigemegeme zayo ezinhle nezingezinhle kodwa kuvame ukuthi kube sekutheni wena ungumuntu onjani, uyahambelana yini naleyonto iChunu elisuke liyenzile noma liyikhulumile ngoma abantu abayi nganxanye bengemanzi, ngalesisikhathi uligxeka iChunu abanye basuke belincoma.


UMacingwana uyindoda enesiphiwo esikhulu kakhulu ngoba unesiphiwo sokuvelela njengokuthi uma kukhona into ayenzile noma ngabe incane kangakanani kodwa ibonwa iwowonke umuntu, uyindoda ecishe ifane nalena yaseMdletsheni ecula uMaskandi eyathi izikhiphela intoyayo yokuchama ifuna ukuchama kwakhona oyidividiyayo yabe isithi, "Fusegi wethu", ngoba iqonde ukumtshela ukuthi akayeke lento akayenzayo kodwa lokho kwavele kwaphenduka isiqubulo samaBhinca wonke.  

UNgizweke naye unekhono elihle kakhulu lokunyakazisa iNingizimu Afrika yonke ngezinto ezincane, kodwa selokhu kwaqamuka uKing Nuba kuthulekile ngoNgizwe, wonke umuntu ukhuluma ngoNuba. Ichunuke aliphathikile neze kahle ngoba lizwakale emsakazweni iVuma103fm likhala ngokuthi kunabangani balo elingeke lisabakhulumisa ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuthi bathanda uKing Nuba.


Uthi uMacingwana uzoba bhulokha bonke ngoba bathanda lomfana owathi ubukhosi wabuthola bulahlile kodwa ekhona yena eyiNkosi futhi engafile esaphila...