Goto News >
Search..

Goto News
UNgizwe uMkhovu kaKhehlelezi by Mjaheni
UMjaheni Shelembe nowake waba umngani noNgizwe Mchunu usezifake zonke kuNgizwe nakumngani kaNgizwe oyinyanga edumile esiza uphakathi edume kakhulu ngokusiza abantu abahluphekile mahhala emisakazweni eminingi eyehlukahlukene, singabala uKhoziFM ohlelweni lukaZimdola "Sibhukuda kwesimanzonzo", sibale uhlelo luka Lucky Nkosi lwasekuseni ngoMgqibelo, sibale uMsakazo  Umhlobo wenene, iGagasiFM kanye neminye imisakazo eminingi. Ezintweni akazenzayo uProfesa Khehlelezi ufike ababhulele abantu emsakazweni aphinde abatshele isixazululo sezinkinga zabo.

UMjahenik udume ngakho ukuphuphisa izinyanga ngoba wagadla uDokotela u3seconds owayedume ngokugqilaza abaculi bomculo wesintu ebaguqisa ihora lonke ebalusise izinkomo zakhe kanye nezimbuzi zakhe. UMjaheni ehlangene noNgizwe kwiNgizwe Online bamuthuka bukhoma u3seconds bathi akasoze ebagqilaze bona, uNgizweke wayethembe inyanga yakhe ephinde ibe umngani wakhe uProfesa Khehlelezi lo osethukwe uMjeheni. Uphenyoke lusaqubeka mayelana nokuthi loMjaheni ndini uthembeni njengoba ethuka inyanga ehlonishwa kangaka nenamagalelo amakhulu kangaka emphakathini.

"Yimi wethu ngingumbhonyi wezinyanga amalanga, izinsuku kanye nama seconds amubalwa, othi kengibhonye inyanga eyodwa ebese ngithatha umhlala phansi kulento yokubhonya izinyanga. Sondela somKhehle sondela Khehlelezi mfana, uthi ungubani? Uyindunundumane wena? wazo la mfanwami wajwayela imizi efile, cha unawoke umuthi ubonakale ngakho ukuthi ube nomkhovu ophilayo ezinye izinyanga zinemikhovu engabonakali, ngisho phela uNgizwe Mchunu lo osuwamenza isidantanta sakho ohlale ekulandela ngemumva, nemali mnganwami ayicha unayo nibonakala ngakho lokhu ukuthi nihlale niyichitha emabhanoyini ukuthi ninayo, kazi niyithathaphi? Yeyi mnganwami ngoba phela umuthi uyazi boke ukhande isigubhu esilungisa ubuso mfana, uke uzame ukutona lobubuso bakho obumaxhofoxhofo engathi ingono yebele, awuthi ngikushiye kanjalok mnganwami ngoba ungimoshela nedatha lami kwazise phela abalandeli bami owami umuculo bawubuka ku-youtube", lawoke amazwi kaMhajeni umfoka Shelembe, kusaphenywa ukuthi ubedlala noma ubesusa impi, uma kungukuthi ubedlala uzophumela obala axolise asho ukuthi ubedlala...