Baphoxekile abathe angeke abe ilutho umfoka Mbomvu owafika endimeni yomculo kwavungazela iSouth Africa yonke. Le nsizwa isholo phansi ngezwi elimtoti yathi 'Baph' abaeth' angeke ngibe ilutho.' Lapha ubevuma ingoma kaCevuzile ethi ngizobaxolela.
Akagcinanga ngokuphasa nje kuphela kodwa uthole lokhu okubizwa ngokuthi iBatchelor.
"Ngifisa ukubonga kuwo wonke umuntu othe wangifisela impumelelo kumatikuletsheni wami engibhale izivivinyo zawo ngonyaka wami wezimanga. Sengingasho ngithi u-2020 ungiphthe kahle kakhulu njengoba ngithe ngifika emculweni ngathola uthando nesupport emangazayo esizweni sonke samabhinca."
"Zehlile izihlathi kwababethi ngeke ngiphumele ngoba namhlanje ngibalwa nabenze kahle kakhulu kumatikuletsheni. Bafwethu ngiyabonga ngiswele imilomo ezinkulungwane ngoba ngiphase ngoBatchelor. Isifiso sami sizoqhubeka. Ngifisela wonke umuntu ongumlandeli wami ukuthi uNkulunkulu amuphumelelise naye zifezeke zonke izifiso zakhe." Kubeka uZwelandile Patrick Mfwethu