Goto News >
Search..

Goto News
Uphenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana

Wagqoka kahle uKhuzani umfoka Mpungose. Walahleka isigqoko sakhe ezihle phezulu ekhanda washutha ngecamera enhle emveza kahle efresh kubonakala nje ukuthi ligezile iqhawe lakoKhuba. Walahlela iblazer yakhe emesha nebhulukwe lakhona.


Wathi t-shirt enhle emhlophe egqame kamnandi eduze kwebhande elibrown kamnandi. Wakhetha indawo enhle washuthela kuyona. Esandleni kuvela elihle iwashi likanokusho, emehlweni uvale ngezibuko zohlobo oluphambi. Wayimosha ekugcineni.

Wayimosha onyaweni esevela esededelu gadlaza wesicathulo sakwaJonathan u-size 10 kwaba uyisusile kubathandi bomculo.


"Cha ngeke ngimdlele umona umfoka Mpungose ubulele uqedile ngendwangu Kodwa manje usuyaphi lo gadlaza wesicathulo into enuka uyibuka nje" Bekumele athole lezi cathulo ezibrown ezinhle nje nakotruworth zikhona. Ayi lombala wesicathulo. Noma afake ibhande elimnyama nesicathulo esimnyama hhay lesi sakhe kodwa thixo wasenazaretha sezinziwani." Kubeka Igcokama lakoGumede umfoka Sibiya eNquthu.