UMthandeni Skhova Manqele odume kakhulu ngeleGcokamelisha nosephinde waduma kakhulu ngohlelo oludlala njalo kuTV kuSABC1 ngoMgqibelo ngo 5 ntambama olubizwa ngoShuni kaMaskandi. Lensizwa kuke kwaduma ukuithi izokhipha icwecwe layo lokuvala unyaka ngezi 2 December okuthe okuhamba kwesikhathi uma izwa ukuthi imbangi yayo uKhuzani uzokhipha ngezi 3 kuwo uZibandlela yabe isikhipha isimemezelo esithi isizokhipha ngomhlaka 4 December.
Bekulindeleke ukuthi lensizwa izothi uma ikhipha icwecwe layo ingathuki ngisho noyedwa umculi njengokusho kwayo kodwa isivele yaputshuza ikliveji esipotini ngokuputshuza ingoma yayo ethuka kuyo abaculi abaningi abahlukahlukene abanjengo Sgwebosentambo, Ali Mgube, Bhekihonga Ngubane, Abafana bakaMgqumeni, Bobo Mfanawepiki kanye noKhuzani Mpungose njengenjwayelo kanti akamushiyanga noNgizwe Mchunu.
Ukuputshuza kwakhe lengoma uMthandeni kusoleka ukuthi ubeqonde ukubatshengisa bengakakhiphi ukuthi zyakhala akudlalwa ukuze nabo bezomuthuka aqubeke nokuthilenda. Uma ebathuka uthi usohlelweni IsikhovaFM Siyabanyanyisa ebese ezenza umlaleli asho igama lomculi akamunyanyayo noma akamunyanyisayo...