Goto News >
Search..

Goto News
Uqatshulwe yindoda wayingqubuza

Kuqhume indololwane koqabule Igcokama lisestage. "Mncwaaaa esihlathini." Yes liqatshuliwe impela Igcokama kodwa likhala ngokuthi selingaze liqatshulwe yindoda kanti liyinsimbi edla ezinye yini. "Bebangaka oKazi madoda sengingaze ngibhudukezwe yindoda enye ngobani nje? Ungijwayela kabi umhlathi wakhe."


Kusho Igcokama lidinwe ligane unwabu. Libe seligxekwa ke kuthiwa yebo leyandoda imoshile kodwa besingekho isidingo sokuthi ayishaye maqede ayethuke ezinkundleni zokuxhumana. "Loya muntu ubexakwe injabulo naye njengabanye abalandeli wagcina esibuka esihalela isihlathi seGcokama." Kusho umlandeli.

"Uhlulwe into encane umfoka Manqele ukwamukela ukuthi injabulo ingenhla kuloyamfo bekungekho okutheni abezokwenza. Sihlezi sibabona abaculi nakweminye imkhakha beqatshulwa akaze sibone sekushaywa umlandeli ngalokho. Ukube kuya ngami ubezoshushiswa ngalento ngoba imbi kakhulu." Kubeka uSandla senkawu umfoka Ntombela eGubazi.