Goto News >
Search..

Goto News
UQuality Biyela uphuphile kanti uKing Nuba uthwele kusho uNgizwe

Zitholane phezulu kwamanzi phansi uNgizwe Mchunu kanye noKing Nuba okukhulunywa ngaye iNingizimu Afrika yonke ngenxa yekhono lakhe lokuzibiza ngeNkosi yamaBhinca kanye neZinceku. UNuba insizwa yasemakhaya eMzikhulu esigodini saseMatsheni kodwa usevele waphenduka undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana, emisakazweni kanye nakomabona kude.


Lensizwake edlalala lomdlalo wayo ongaqondakali kahle ukuthi umdlalalo muni itholane phezulu nongizwe mchunu namhlanje ekuseni ngo 4 live emsakazweni iVuma103Fm kwabanda amathumbu kuNgizwe ngoba uze waphahluka wayitshela emehlweni inyanga yakhe ukuthi uzoyishintsha ngoba yena akakaze agcwelezwe yingane kanjena, usho lazwi-nje uwabhekise kwiNkunzimalanga yeNyanga uProfesa Dr Khehlelezi osesize abaningi abantu ngekhono lakhe lokwelapha ngoba naye uNgizwe uthuka u3seconds-nje ingoba ethembe yena uKhehlelezi.

Kuthe isabambene ngezihluthu ekaNgizwe noKing Nuba ube esebona uProfesa Khehlelezi kugcono ukuba ilanyulwe ngaba laleli bomsakazo ngoba ibibonakala sengathi iyakude. Kube sekunikwa abalaleli ithuba lokuthi befone bavotele ukuthi bafuna ukuthi kube ngubani iNkosi yamaBhinca kwavele kwangena abathathu bonke bavotela uKing Nuba nokuyilaphoke akhale khonake uNgizwe ngokuthi uthwele lomfana.


Livele laqamuka selindiza phezulu igama likaQuality Biyela ngesikhathi isalwa lempi yalamadoda amabili. Kuzwakale ngoNgizwe esethi, "uQuality yena washonaphi, imuphuphisile ingane", esho uNuba kanti futhi akuphelelanga lapho ngoba uNuba usuke kwiVumaFm waya kwiBlaq Life TV nakhona futhi lavela ngendlela efanayo elikaQuality Biyela igama...