Goto News >
Search..

Goto News
Usengcupheni umsebenzi kaTshatha

Sekuphele isonto nezinsuku lingazwakali iphimbo leSibatshazwa sakwaNongoma emsakazweni. Lokhu kwenzeke emveni kokuthi isikhondla khondla somsakazo Ukhozi, sithathe isinqumo sokumisa le nsizwa ngesizathu sokuthi sisaphenya mayelana nesenzo esibi eyasenza, ihlambalaza igama lalesi sikhungo ezinkundleni zokuxhumana esithinta ingoma yonyaka.


Ikhampani yezindaba iSABC ibhekene nezinkinga zezimali, isithathe nesinyathelo sokuphungula abasebenzi bayo. Lokhu kuzokwenza ukuthi kube nzinyana ukubuyisela abamisiwe emsebenzini ikakhulu njengoba kukhona nabanye abasakazi abaxoshelwa isizathu esifanayo abafana noNgizwe Mchunu.

Abasebenzi bakwaSABC babhalele umongameli wezwe incwadi becela ukuthi angenelele kulenkinga ababhekene nayo njengoba kuthiwa abanye bazoncishiselwa imiholo yabo. Izinyunyana zabasebenzi zigcine zithatha isinqumo sokuthi mhlaka 22 January kusukela ngo-11 kuya ku-2 ntambama kungabi bikho muntu osebenzayo kodwa kudlalwe izinto eziqoshiwe kuphela.


Lokhu bakwenze ngenhloso yokuzama ukuthi le nhlangano ibone ukubaluleka kwabasebenzi iyeke ukubaxosha. Zonke lezi zinto zithanda ukucindezela uTshatha osamisiwe njengoba kwenziwa uphenyo emahhovisi amakhulu ngendaba yengoma yonyaka.


Okhulumela iSABC uthe basaluphenya kabanzi udaba lwale nsizwa nokuyinto ezothatha isikhashana ngaphambi kokuthi kuphume isisombululo. "Sisalubhekisisa lolu daba. Sithathe isinqumo sokumumisa umsakazi othintekayo size sithole isisombululo saloludaba." Kubeka uMmomi ongumphathi walesi sikhungo.