UTshatha uthi Yobe mzakwethu nakiniSABC. Umsakazi woKhozi FM uMnuz Khathide "Tshatha" Ngobe, usexolisile kuSABC nakuKhozi FM. Inkulumo yakhe inokuzithoba nokuzendlala abhuquze phansi njengamaVenda. Ubhale wena owabona umuntu eshweleza akhumule isigqoko asimfonyoze eshona phansi ayothi "vosho" ngedolo.
"Ngibingelele ngokuzithoba kini nonke, sanibonani! Ngicela ukuthatha lelithuba ngishweleze ngombhalo engawubhala ngiphawula kwenye ipost eyayikhuluma ngomlando wezingoma ezake zehlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM."
"Lenkulumo igcine isilimaza igama leSABC nomsakazo Ukhozi FM. Zonke izinkulumo nge SABC noKhozi fm kumele ziqhamuke ehhovisi likasomlomo weSABC hhayi kimi njengesisebenzi."
"Ngiyaxolisa kakhulu enhlanganweni engisebenza ngaphansi kwayo iSABC kanye nomsakazo Ukhozi FM ngalesi senzo sami. Ngiphinde futhi ngixolise nasemaqenjini omculo iMalaika kanye noShwi noMntekhala, ngithi yobe nganezakwethu!"
"Ngiyaxolisa futhi nakulabo esagcina singasakhulumisani kahle kuyona leyapost eyayikhuluma ngomlando wezingoma ezake zehlukanisa unyaka. Ngifunde lukhulu ngalesisigameko nangezingozi ezingabangwa amazwi abhalwa ezinkundleni zokuxhumana." Kuphetha uTshatha.