Uma kuzokusa kuqale kubemnyama kakhulu. Ubani owayazi ukuthi Igcokama elisha liyoke ligqoke ilebuli egqokwa imbangi yalo enkulu uKhuzani Mpungose? Nakuba yamehlula yamgeza igilo intokazi yakwaTahane umfoka Kuphosakwenyathi, okuhle nomusa kuyamlandela imihla yonke yokuphila kwakhe. Kumanje kuvungazela izinkundla zokuxhumana bayazibuza bayaziphendula ukuthi konje bazowugqoka yini noma cha logadlaza wesicathulo sakwaJD esesigqokwa iqhawe labo.
"Nakuba impilo ithanda ukuba muncwana kwezinye isikhathi kodwa kubuye kuhleleke ngenye indlela uma uNkulunkulu engakuwe. Ngicela abathandi bomculo wami beshintshe umshovo ke manje ngoba sekubusa thina kwaJonathan D. Ngithi nje uma impilo ibukeka inzinyana kodwa ingekho nzinyana zithengele ipheya lalezicathulo uzizwele ulozolo lwento engena ithi thaqa onyaweni lwakho." Kubeka Igcokama emveni kokufika kwezicathulo ezinkulu.
Bahlukane phakathi abathandi bomculo weGcokama njengoba bezibuza beziphendula ukuthi bazothini manje kubalandeli bakaKhuzani njengoba babezigxeka kanjena nje izicathulo ebezigqokwa uKhuzani. "Sizozama phela ukujwayela le labuli kodwa ewu laze ladlala ngathi Igcokama. Buka manje azosihleka lamadixa athi sasithi kobanjani." Kubeka uKhulanazo kwezeGcokama eMgababa.