'Qhosha shaya bantu sambe, kukude Showe'. Ubunsizwa ibugcina ezingomeni Imfenemhlophe ethakatha emini njengoba ivele yathi nyawo zami ngibelethe. Ela amandiya ePhoenix. Ungaze ufunge ukuthi iyaziwa induku koQhosha uma ubezwa bezibonga ezingomeni kanti weeeh akukho lutho laphaya. Kusho indoda thizeni ebizibonela ngo see umfoka Mahlase ebaleka ePhoenix.
"Ngithanda ukunxusa isizwe sakithi esimpisholo ukuthi singalinge sidlale kuleya ndawo. Ngihluleke ngisho sengibavezeli cover ye-album yami ngizama ukubakhombisa ukuthi ngidumile mina ngingumculi kaMaskandi angihlangene nalezimpi abazenzayo. Yey aze angijaha amandiya ePhoenix. Bafwethu lento ithanda ukuba nzima kakhulu sidinga ukuyikhuza isasuka nje." Kusho uSibisi.
Ekuzwa lokho uRoll on yeNdlamlenze umfoka Mangethe uyibuzile le nsizwa yaseShowe ukuthi kanti ushaya baphi abantu noma usuke nje enzela ukuthi kuthengwe umculo wakhe uma ethi Kukude Showe.