Goto News >
Search..

Goto News
Usola ibandla ayekhonza kulo ngokushona kukamama wakhe

UKhathide Ngobe insizwa yakwaNongoma esigodini sakwa Madlakazi esebenza emsakazweni omukhulu uKhoziFM eyaduma kakhulu ngabo 2003 kuya ku 2007 eshayela uhlelo olukhulu nolwaluthandandwa kakhulu ngamaBhinca olubizwa ngoSigiya Ngengoma nakaluthatha ezandleni ezifudumele zika baba uBhodloz'umuntu ngewisa walukhulisa eyinsizwa yakwaMadlakazi eyedwa waze yagcina eselubamba ngokuhlanganyela noNgizwenkosi Mchunu selubizwa ngoTalagu nokuyilapho olwaqopha khona umulando omukhulu ngokuwela luye phesheya kwezilwandle luyosakazelwa khona kugcotshwa umongameli waseMelika uBharakhi Obhama.


Nizokhumbulake ukuthi emasontweni amubalwa lensizwa iye yaphumela obala ngokunganeliseki ngemikhuba eyenziwa ebandleni ebikhonza kulona oFakazi BakaJehova lapho edalulekhona nokuthi usuku lokuzalwa alubungazwa kulenkonzo kodwa akukho lapho iBhayibheli elidalula khona lokho kodwa ngenxa yokuthi omunye wabaphathi abakhulu baphesheya kwezilwandle wayengahambisani nokubungazwa kwalolusuku washicilela umqulu wencwadi ukuba ufundwe ebandleni uveze ububi bokubungazwa kwalolusuku lokuzalwa.

Lomsakazike usedalule ukuthi umndeni wakhe awusamukhulumisi ngenxa yokuthi unqunyiwe esontweni noma uziqelalinisile nesonto noma nomthetho wesonto abasonta kulo kanti kuwumthetho wakhona ukuthi uma kukhona into oyenzile ephambene nenkolo yakulelisonto awukhulunyiswa muntu ngisho newele lakho imbala owanquma nalo esibelethweni sika mame wakho liyakuzila alikukhulumisi uma lisonta kulelisonto.


Okwenze ukuthi uTshatha adube lelisonto ukuthi ushonelwe umzala wakhe onyakeni ka 2019 lelibandla alaze lavuma ukumungcwabela lakubeka kwacaca ukuthi angeke lize ngenxa yokuthi umzala wakhe ebengakholiwe futhi ebehlupha emphakathini, emvakwalaphoke ube esevula uphenyo uMfokaNgobe unyaka wonke ka 2020 ubephenya. Usephinde wadalula ukuthi lelibandla ilona elaholela ekushoneni kukamama wakhe uThembi owaye nomudlavuza wegazi nokwakufanele ukuba adonethelwe ngegazi kodwa ngenxa yomthetho walenkolo abaze bamuvumela ukuba adonethelwe ngegazi kwase kuba ukudlula kwakheke lokho emhlabeni...