Goto News >
Search..

Goto News
Usolwa ubuNgqingile uNgizwe

Insizwa yakoMacingwana eyaziwa kakhulu kumsakazo omkhulu uKhoziFm eyaqala khona isebenza ebusuku ohlelweni Isigqisezwe nokuyinsizwa ephinde yasebenza ohlelweni olukhulu kiwo lomsakazo uKhoziFm, noma ohlelweni olunabalandeli abaningi okwedlula zonke izinhlelo uSigiya ngengoma ebisebenzisana noKhathide umfokaNgobe ayisahlali ekhaya isahlala kwaNongoma kwaKhethomthandayo selokhu kwenda Isilo samabandla onke uMdlokombane.


Lensizwa ishiye ekhaya isithembu samaKhosikazi amaThathu yahamba yayohlala kwaNongoma ngoba ifuna ukubamba iqaza elikhulu emabuthweni nase kukhethweni kweSilo esisha esizongena emva kukaKing Goodwill Zwelithini.

Lensizwake enguNgizwe ayikaze aqagulisane kakhulu ngamazwi noAli Mgube yize bona bake bajikijelana kancane kodwa akuzange kube into enkulu noma ende engapheli kodwa ngemumva kokuba lendoda ishiye ikhaya kuputshuke isithombe sayo imi nenye indoda bebhince ama thawula amhlophe avamise ukubhincwa abantu ababili abasebudlelwaneni noma abathandanayo, emva kwalokho uMgube ukhale ngokuthi uNgizwe usenguNgqingili lamufakazela idlanzana lezinsizwa kanye nezintombi ngoba bebona indlela okumiwe ngayo nanokuthi lendoda yaseMachunwini ayisahlali nabakoti bayo.