Goto News >
Search..

Goto News
Uthi phansi ngemashi uTshatha

UTshatha osakaza uhlelo olubizwa ngeSidlo Sasekuseni noNongcebo McKenzie ubhale ekhasini lakhe kuFacebook enxusa abalaleli balo msakazo ukuba behlise umoya bahoxise umkhankaso wabo. Lo msakazi uveze lokhu kulandela ukuthunyelelwa umbhalo ngezinhlelo zabalandeli zokumashela emahhovisi oKhozi izolo beyozwakalisa ukungenami kwabo ngokungazwakali kukaTshatha emsakazweni.


UTshatha uthe lokhu ngeke kube nasixazululo ngoba kukhona abazoyibheka ngelinye iso le mashi. Yize kunjalo bebelokhu bekhale njalo abalaleli kwazise selokhu kwaqala isonto bayakhala ngokunganikwa kwakhe ithuba lokusakaza umlando ngeSilo samaBandla esikhotheme.

"Ngicela nehlise umoya nganezakwethu, niyimise eyalolu hambo. Ngiyanicela ngenkulu inhlonipho, futhi ngiyayihlonipha imizwa yenu nangendlela enizizwa ngayo ngalesi simo. “Kodwa ngicela ningenzi izinto okungenzeka ukuthi abanye bangazibheki ngeso enizibheka ngalo nina. Ngoba kungenzeka kugcine sekukhona abahlaziyi abazogcina sebehlanekezela inhloso yenu ngalolu daba baluhumushe ngeyabo indlela.


Ngiyanicela bafowethu nodadewethu, ayihlale phansi ibambe umthetho, izinto zizolunga ngesikhathi esifanele! Ngiyabonga kakhu," kusho uTshatha ekhasini lakhe kanti iSABC ithe ngeke azwakale lo msakazi kuze kube kuphela le nyanga.