UYamkela nuba odume kakhulu ngelika King Nuba, insizwa yaseMzikhulu esigodini saseMatsheni esizikhandele elikhulu igama eMzansi Afrika wonke ngokuzibiza ngeNkosi yamaBhinca iphinde izibize ngeNkosi yezinceku iphinde yaziwe ngakho ukuqondanisa ukotini, ukudla izibiliboco kanye nokuba nomzwilili wephimbo ngoba njalo uma ibuzwa imibuzo ngethalente layo lensizwa yenza isiqiniseko sokuthi iyaliveza ikhono layo lokucula ngoba isho kahle ithi,"ayayaya ayayaya ayi ayi".
Ithi lensizwake laba abayidlela umona bathi iyabhimba kanti akekho umuntu ocula kahle okwedlula yona, futhi akekho ogqoka kahle njengayo (ufakazi ilokhu okubonayo esithombeni esingenhla), njengoba futhi engekho odla kahle okwedlula yona abantu abayeke umona.
Lensizwa yakoNuba ibuzakala mayelana nokuthi isebenza kuphi ichaze yathi isebenza eWilter Sisulu Collage, okuyiKholishi labafundi abaphase kagconywana umatikuletsheni, iqubeke yathi abaningi bacabanga ukuthi iyafunda laphayana kanti-cha yona iyasebenza inquma izihlahla-nje kuphela.
Iphinde yabuzakala ngokuzibiza ngeNkosi yamaBhinca kanye neziNceku, iphendule yathi, yebo ubukhosi ibuthole bulahlile njengo baba abalahle njengalaba abadakwa bethwale ibhodlela lesavana befuthe impempe eYadini kodwa lento akayenzayo iyona aphinde abeke ngayo isinkwa etafuleni ikakhulukazi njengoba eseqashwa nokuqashwa ukuthi eyobingelela abantu noma abalandeli kanye nasizwe sakhe njengeNkosi emicimbini emikhulu.