Goto News >
Search..

Goto News
Uthi uyena owakhuphula uMdumazi

"Namanje ngabe sisacwilile." Kubeka uNjoko odume ngeleHobosha. "Ngasifica sicwilile isidwaba ngasenyusa sabonwa izwe lonke maqede ngabongwa ngezinhlamba. Kunjalo vele kulo mculo amahlala khona lawo siphila ngazo izinhlamba."


Impi kaNjoko noMdumazi into nje engeke isalungiseka sdalo. Lezi zinsizwa zike zabanga ingoma ethi 'Umlaba ungenze umuntu, ngizolala ngiduma' zaze zayikhipha zombili.


Kuye kwasiza abalandeli baomculo bahlukanisa inhloko nesixhanti. Kwabalishumi ababuziwe ukuthi iyiphi abayizwa kangcono, babe isikhombisa abathe bahamba noMdumazi kwase kuthi abathathu bathi bahamba neoNjoko. Okusho ukuthi uMlaba kaMdumazi ungenhla kokaNjoko.

"Ngibonga uRamaphosa othathe izwe walibeka kulevel 3. Thina ke njengabaculi abadumile endimeni sesiqalile siyamenywa. Kumanje kusanda kungena R40000 ebank lami. Lokho kusho ukuthi sengiqalile ngiyaqashwa. Lowo engamkhuphula kusathulekile namanje kodwa abalandeli basangiqhathinisa naye."


""Ngalethelwa khona kanye ukuzokhuphula abaculi ngoba naye lowo enithi ngikwilevel eyodwa naye ngabe kade yaphela indaba yakhe ukube angikho mina." Kubeka uNjoko.