Goto News >
Search..

Goto News
Uvele wakhala uNgizwe sekuboshwa uZuma

Kuphelile ukuthi sofela khona kwaDakwadunuse. Kubonakale indoda eshenxela nxanye isula amehlo ngesandla kwazise neduku beselimanzi vele izinyembezi. Imini yonke ubelokhu ehsya phansi ngonyawo umfoka Macingwane esho nokusho ethi akukho Zuma walala ejele la. "Kungamane kufe mina okungcono, ngeke kuthathwe ikhehla elidala kangaka lakithi kuthiwe aliyobolela ejele." Kupikla yena ehleli phakathi kwezithothobala zamasosha.

Ekugcineni kuvele kwacacela ngisho impumputhe ukuthi akekho umuntu omkhulu kunomthetho ngoba lowo owabe engumongameli kuleli uzinikele emaphoyiseni. Kubikwa ukuthi amaveni amaphoyisa abekhona eNkandla abengu 160. "Ngizohamba ngiyobhadla ejele ngoba angifuni kuchitheke igazi ngegama lami sengimdala kangaka." Lawo ngamazwi kababa uMsholozi akavalelise ngawo ngaphambi kokuncokola nendodakazi yakhe uDuduzile wathi uyathemba bazomnika ama-avaloni akayewagqoka eRobben Island ngesikhathi sobandululo.


Emubona esehamba uMsholozi uNgizwe uvele wakhihla esikaNandi wabikela abalandeli bakhe ngevideo ebabikela ukuthi alikho elinye iqiniso abazolizwa ngaphandle kwaleli elishiwo uyena. Nalokho ukusho ekhala miii izinyembezi ethi uMsholozi uzolala ejele laseSkhothi. Leli jele lakhiwe kabusha ngesikhathi kuphethe uZuma kanti lifaka iziboshwa engu-500. Lakhelwe ukuhlala iziboshwa esezintekenteke empilweni nesezikhulile ngeminyaka. Iziboshwa zihlala ngambili endlini okusho ukuthi uZuma uzohlala nomuntu oyedwa kuleya ndawo ebanda mpo.